26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

Create successful ePaper yourself

Turn your PDF publications into a flip-book with our unique Google optimized e-Paper software.

Lokhu kwakuphambene nababekusho ngesikhathi sezingxoxo ngoba babebike nokuthi

baye basebenzise nezichuse ezidwetshiwe (cartoons). Izinsiza zokulalela kanye

nokubhala zazingekho kuzo zombili izikole. Lokhu kwaveza isithombe sokuthi othisha

abaqondi ukuthi lapho kufundiswa ukufunda okubhaliwe, omane amakhono olimi kumele

ahlotshaniswe ukuze ukufundisa ukufunda okubhaliwe kube yimpumelelo. Lokhu

kuveza umqondo wokuthi izingane kungenzeka ukuthi sezinalo ulwazi

ngezinsizakufundisa zokufunda okubhaliwe uthisha eza nazo lapho ezofundisa.

Ngamanye amazwi lokhu kungaqeda nelukuluku kubafundi lapho kungekho okuza

nothisha okuhalisayo. Njengokuthi nje, lapho abafundi bazi ukuthi izinsiza

ezisetshenziswa nguthisha ziyini, akukho okungaziheha ukulandela okufundwayo ngoba

konke uthisha akwenzayo akukho okusha, yizinto umfundi azijwayele. Ngamanye

amazwi ukungabi bikho kwezinsizakufundisa ezintsha zokufunda okubhaliwe, kungaba

nomthelela ongemuhle kubafundi mayelana nokuthuthuka kwabo ekufundeni

okubhaliwe.

7.2.3 IZINDLELA NAMASU OKUFUNDISA UKUFUNDA OKUBHALIWE

Kwatholakala ukuthi othisha bakulezi zikole ezaziyingxenye yocwaningo, babesebenzisa

indlela yokufundisa ngemisindo (phonic approach), beyihlanganisa ne-look-and –say

method. Njengoba ngike ngachaza esahlukweni sesibili, indlela yokufundisa ngemisindo

igxila ekuphinyisweni kwemisindo, kanti futhi ibuye ibizwe ngokuthi yindlela

yokufundisa ulwazi lwezinguquko zemisindo noma yokufundisa izimelamsindo (Joubert

et al, 2008, p. 89). Le ndlela ixhumanisa okuzwakala ngendlebe kanye nalokho

okubonakala ngamehlo. Ayigxili kuphela ekuphinyisweni kwemisindo

njengasemagameni akhulunywayo, kodwa nasezincazelweni nasekwakheni kwamagama

ngokomqondo. Ngale ndlela, imisindo ifundwa ngokulandelana okwenzeka ngandlela

thize (Joubert et al, 2008, p. 89). Lokhu kwabonakala ekwenzeni kothisha.

Kanti uJoubert nabanye (2008, p. 91) bathi i-look-and-say method iyindlela ye-analytical

ngoba igxila kokuphelele bese ihlaziya izingxenye zakho (Joubert et al, 2008, p. 91).

Lokhu kusho ukuthi izingxenye zokuphelele zakha okuphelele. ULevy (2009) uthi, ngale

261

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!