26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

Create successful ePaper yourself

Turn your PDF publications into a flip-book with our unique Google optimized e-Paper software.

9.1 ISINGENISO

ISAHLUKO 9

ISIPHETHO NEZIPHAKAMISO

Lolu bekuwucwaningo lokuhlola ukufundiswa kokufunda okubhaliwe emakilasini

esiZulu ulimi lwasekhaya emabangeni aphansi, ibanga lesibili nelesithathu ezikoleni

ezimbili zaselokishini laseMlazi, eThekwini. Lezi zikole yiMbalenhle neGolide,

okungamagama okungewona awangempela, kodwa okungamagama eziphiwe wona

ukuvikela amagama othisha ababeyingxenye yocwaningo kanye nezikole zabo. Lolu

cwaningo beluphendula imibuzongqangi emithathu emayelana nabakushoyo,

abakwenzayo, kanye nezizathu ezenza ukuthi benze ngendlela abenza ngayo lapho

befundisa ukufunda okubhaliwe. Ucwaningo luphinde luveze ukuthi nanxa bekwenza

noma bechaza ngokufundisa ukufunda okubhaliwe, kodwa imibhalo eminingi eyahlukene

ithini yona ngokufundiswa kokufunda okubhaliwe emabangeni aphansi.

Imiphumela yocwaningo iveza ukuthi abakwenzayo othisha bakwenza ngenxa

yezinkolelo ezithile ababambelele kuzo mayelana nokufundisa ukufunda okubhaliwe.

Okwesibili, ucwaningo luveza ukuthi othisha abakhombisi ukuba nolwazi olwenele

mayelana nokuyiyona nhloso yokufundisa ukufunda okubhaliwe, okuwukufunda

ngokuqondisisa umbhalo owufundayo, nokuthi umfundi azuze uthando lokufunda

imibhalo eyahlukene. Okwesithathu, kuyavela ukuthi othisha bayazenyeza ngolimi

lwesiZulu abalufundisayo, bancamela isiNgisi. Lokhu kukhombisa amandla esiNgisi

nokuhlonipheka kwaso ngaphezu kwezinye izilimi eNingizimu Afrika, nakuba

umthethosisekelo wezwe laseNingizimu Afrika ubeka ngokusobala ukuthi zonke lezi

zilimi eziyishumi nanye ezisemthethweni ziyalingana, kumele zithathwe ngendlela

efanayo, zisetshenziswe ngokulingana, futhi zihlonishwe ngendlela efanayo, okuyinto

engakenzeki uma sekukhulunywa iqiniso. Okuxakayo ukuthi abasebenzisi balo lolu limi,

okukhona kubo nothisha abalufundisayo, banesandla ekudelelekeni kwalo. Umphumela

wokugcina wocwaningo waba ukuthi othisha bentula izinsizakufundisa zokufunda

302

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!