26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

Create successful ePaper yourself

Turn your PDF publications into a flip-book with our unique Google optimized e-Paper software.

okubhaliwe. Kanjalo no-Inglis nabanye (2000, p. 57) babeka ukuthi ukufunda

okubhaliwe yiyona ndlela esemqoka ekutholeni imibono, imiyalezo, ulwazi kanye

nezindaba, futhi kumele kube nenhloso yokuba ofundayo awuqonde umbhalo

awufundayo.

Njengoba sengike ngaveza phambilini, uVygotsky (1978) ubeka ukuthi ukufunda

okubhaliwe kuyinto eyenzeka ngenxa yokuba umuntu abe yingxenye yomphakathi, abuke

okwenzekayo emphakathini, abuke ukuthi izinto zenzeka kanjani ngokujwayelekile futhi

nalowo ofundayo kube khona akwaziyo ngale nto afunda ngayo. Kanti uVygotsky (1978)

ugcizelela ukuthi ofundayo kufanele kube nguye obambe iqhaza elibalulekile. Ngale

kwalokho kufanele kube wukuthi wake wahlangabezana nalokho afunda ngakho

endaweni aphila kuyo. UVygotsky wayekholelwa ukuthi umntwana ukuze akwazi

ukufunda umbhalo, kufanele axhumane nabanye abantu, azi ngezinto ezimzungezile,

ezenzeka endaweni aphila kuyo emphakathini. UVygotsky ugcizelela ukuthi ingane

kumele ibe nolwazi oluthile ezitholele yona yazibonela yona ngokwayo ukwenzeka

kwento ethile. Ngale ndlela, lokhu kusho ukuthi ulwazi analo umuntu, avele enalo,

izinkolelo avele enazo kanye nezehlakalo zemihla ngemihla aye ahlangabezane nazo,

kunomthelela ekufundeni kwakhe ulimi (Harris & Hodges, 1995, p. 43).

Ngaleyo ndlela uVygotsky ugcizelela ubudlelwane obuphakathi kolwazi umfundi avele

enalo kanye nosikompilo (culture) lapho efunda ukufunda okubhaliwe / umbhalo. Ngale

ndlela, lokhu kusho ukuthi ukufunda okubhaliwe (learning to read) kwenzeka lapho

umntwana ehlanganisa usikompilo nolwazi olusha kanye nolwazi abevele enalo ngalokho

akufundayo. Kwatholakala ukuthi othisha babengenalo ulwazi olwanele ngokuyiyona

nhloso yokufunda okubhaliwe, yingakho nje babegxila ekufundiseni izimelamsindo /

imisindo, ukwakha nokuchaza amagama ngenxa yokuthi yizona zinto abazibona

zibalulekile kakhulu, kanti abakucabangi okunye ngale kokwazi imisindo ukubhala

nokwazi izincazelo zamagama. Lokhu kusho ukuthi abakwenzayo akuhambisani

nombono wama-social constructivists. Ngale kwalokho, kuyacaca ukuthi othisha

abacabangi ukuthi ukuze izingane zifunde ulimi, kumele zithuthuke ngokwamakhono

onke olimi, ngaleyo ndlela ukufundisa kwabo kube nokuxhumanisa la makhono.

280

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!