26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

Create successful ePaper yourself

Turn your PDF publications into a flip-book with our unique Google optimized e-Paper software.

Lapho bebuzwa ukuthi ziyiphi ezinye, babengacacisi ukuthi yiziphi, ngaphandle kokuthi

‘ezintsha’ kulapho uthisha evele afundise umusho enganeni engazange afundise imisindo.

Kubo bonke othisha ababeyingxenye yocwaningo ababeveza ukuthi basebenzisa indlela

endala nezintsha, akekho owaphumela obala ukucacisa ukuthi zindlela zini lezo ezintsha

lapho kwakudingeka ukuba bachaze. Isibonelo, uthisha uZama lapho ebuzwa ukuthi

indlela afundisa ngayo ukufunda manje isafana yini nendlela ayefundisa ngayo esikhatini

esiphambili, nokuthi lapho ingasafani, yikuphi okushintshile waphendula kanje

enkulumeni yakhe ecashuniwe:

Khona ngingasho nje ukuthi azisefani zona nengangizisebenzisa esikhathini

esiphambili, nakuba ngingakulahlanga okwakudala. Namanje sisadla

ngoludala thina lapha ekhaya sifundisa imisindo nje kuqala lapho ingane

isemabangeni aphansi futhi lokho kuyasisebenzela. Ngiyaye ngibone

kwezinye izikole izingane zifundiswa ngendlela yokuthi zivele zifakwe

emishweni nje, kube khona ke ukuthi kube nokugcizelelwa komsindo othile

lowo okuyiwona uthisha asuke eqonde ukuba bawubambe. Mina ke kuye

kunginike inkinga lokhu ngoba ngiye ngibone sengathi bacabanga ukuthi

yisiNgisi lesi, phela esiNgisini akwenziwa njengasesiZulwini. Ingani nami

nginengane nje efunda ezikoleni okwakungezabaMhlophe, angikaze ngibone

kuma-exercise books ayo kubhalwe lab’o a, e, i, o, u. Futhi angikaze ngibone

imisindo ngisho leyo nje yongwaqa isifundiswa njengasesiZulwini. Khona

ngiye ngibone ingane ifunda nje iqaqeka isiNgisi, kodwa hhayi baba, uma

sekubhalwa i-spelling ngiye ngibone inkinga-ke. Nakhu phela ingani

sekuthiwa ingane akudingi uyibambele i-spelling kodwa kumele ubheke

umqondo kwekubhalile. Hhayi, mina impela angikuthandi lokho ngoba phela

isiZulu ulimi lokuqala kufanele ingane ikwazi ukufunda kahle, iphinde ibhale

ngendlela eyiyo. Ingani buka nje, kuyenzeka ngenxa yohlamvu olulodwa

esiZulwini uma ingane ibhale i-spelling esi-wrong, uvele ulahleke totally

umqondo, kungabe kusezwakala ukuthi ingane ibiqonde ukuthini. Buka nje

uma ingane bekufanele ibhale ukuthi “suka” yona bese ibhala ukuthi “soka”,

uyabona ukuthi yizinto lezi ezingasondelene nakancane. Khona kuyadinga

ukuthi noma zikhona izindlela ezintsha lezi esezikhona, sizisebenzise

nokuzixuba nezazivele zikhona khona abantwana bezothola ulwazi lolimi

kangcono.

Kule nkulumo ecashunwe ngenhla kuyacaca ukuthi othisha bathembele kakhulu

ekusebenziseni indlela yokufundisa ngemisindo njengoba uthisha uZama egcizelela

ukuthi bona kulesi sikole basadla ngoludala futhi lokho kuyabasebenzela. Njengoba kuke

kwavezwa esahlukweni sesithathu, uJoubert nabanye (2008, p. 89) bayagcizelela ukuthi

akukho neyodwa indlela okungathiwa yiyona yona elungileyo ekufundiseni ukufunda

okubhaliwe, kodwa uthisha kumele akhethe ukuthi yiyiphi elungele ingane nengane,

172

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!