26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

Create successful ePaper yourself

Turn your PDF publications into a flip-book with our unique Google optimized e-Paper software.

Ucwaningo luyatshengisa futhi ukuthi i-Whole Language Approach iyona ekulungele

ukufundisa abantwana abasebancane abasaqala isikole ukuze babe nolwazi olungcono

lwezimelamsindo nemisindo ngoba abantwana abangakutholi lokhu kuthuthuka

ngesikhathi bengena isikole baye babe nenkinga yokufunda okubhaliwe (McKeough

nabanye, 2006; Duffy, 2009; Nicholson, 2006; Dickinson & Neuman, 2006). Ngaphandle

kwezincwadi ezinezithombe kuphela ezifundwa ngabantwana, ukuqonda okubhaliwe

akulula ukuba kwenzeke lapho umfundi engakwazi ukufunda amagama asembhalweni,

okuyinto engalekelelwa ukuba umntwana abe nalo ulwazi lwemisindo nezimelamsindo.

Ngaleyo ndlela kubalulekile ukuba umntwana akwazi ukufunda amagama aqukethwe

umbhalo (decoding).

I –National Reading Panel (NRP) (2000) nayo iyagcizelela ukuba umntwana athi

esesenkulisa, abe eseqalile efundiswa ulwazi lwezimelamsindo nemisindo, okuyingxenye

ebalulekile ekufundeni okubhaliwe (McKeough et al, 2006, p. 57). Nokho-ke i-NRP

(2000) iyakugcizelela ukuthi nakuba ukufundisa izimelamsindo kubalulekile, kodwa

lokhu kufanele kube yisendlalelo sokufundisa ukufunda okubhaliwe. Ibeka ukuthi

kungumqondo omuhle ukuthi uthisha athathe isikhathi esingangemizuzu eyishumi

nsukuzonke ukwenza lokhu lapho efundisa ukufunda okubhaliwePressley & Hilden,

2006; NRP, 2000). Ngaleyo ndlela lokhu akusho ukuthi uthisha usengathatha isikhathi

sonke sokufundisa ukufunda okubhaliwe efundisa ulwazi lwezimelamsindo.

Izimelamsindo (phonemes) yizingxenyana ezincane emagameni abhalwe phansi, kanjalo

nemisindo iyizingxenye ezincane emisindweni ekhulunywayo. Isibonelo, igama ‘iso’

linomsindo ogqamile u-‘s’. Lo msindo lapho usubhalwe phansi usuyisimelamsindo.

OPhillips benoTorgesen (2006) babeka ukuthi ulwazi lwezimelamsindo lulekelela

ekukhuliseni ikhono lokufunda ngokungangingizi/ ngokunganqikazi. Ngaphandle

kolwazi lwezimelamsindo, abantwana bangathwala kalukhuni lapho kufanele bafunde

baphimise amagama, futhi bangekwazi ukufunda baqonde amagama asenkulumeni.

Lapho befunda ukufunda umbhalo nokubhala, abantwana kumele bazi izinhlamvu

ezikulelo nalelo gama.

139

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!