26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

You also want an ePaper? Increase the reach of your titles

YUMPU automatically turns print PDFs into web optimized ePapers that Google loves.

NgoLwesibili-ke bayaqhubeka nawo lowo msindo bafunde kanjalo, namagama

ebebewenza ngayizolo ngoba abawesuli ebhodini, ahlala ekhona iviki lonke. Kodwa

uthisha uyalwenza ushintsho oluncane uma sikhona isidingo. Uthisha kwesinye isikhathi

ubabhalisa nemisho athi abagcwalise imisho, asebenzise izithombe ezithile ezihambisana

nalowo msindo, ukuze bezokwazi ukucabanga ngesithombe bese bebona ukuthi yiliphi

igama okumele balifake. NgoLwesithathu bayafunda ngawo umsindo owethulwe ukuqala

kweviki, babhale futhi ngawo amagama nemisho emifushane. Uthisha uyabaxoxela

indaba noma ayibhale eshadini bayifunde. NgoLwesine othisha bayaye baye emtatsheni

wolwazi (library) nezingane. Izingane ziyaye zifunde izincwadi ezithandwa yizona.

Lokho kusiza ekutheni umfundi abe nothando lokufunda.

Kodwa-ke othisha bathi ngenxa yokushoda kwezincwadi, kuyenzeka uthole

sebebambisana incwadi eyodwa, bafunde ngababili. Ngosuku lwangoLwesihlanu-ke

othisha bathi baye bahlole izingane ngokufunda okubhaliwe. Bakwenza lokhu ngokuthi

bababhalise isibizelo samagama alishumi. Kunencwadi ababhala kuyo isibizelo njalo

ngosuku lwangoLwesihlanu. Isibizelo basibhala ngemumva ezincwadini zabo, kanti

eminye imisebenzi ebhalwayo bayibhala ngaphambili. Imisebenzi eminye yimisebenzi

efana nokubhalwa kwemisho nokuqedela amagama ngohlamvu oluthile, okwenzeka

ngezinye izinsuku. Uthisha uMbali uyachaza ukuthi umsebenzi uwuhlela kanjani ukuze

wanele isonto lonke uma efundisa ukufunda okubhaliwe:

NgoMsombuluko si-introjusa umsindo omusha. Uma siwu-introjusa uthisha

ulungiselela kahle isifundo sakhe ngokuthi athole ishadi nezithombe

ezizohambisana nalowo msindo. Uma ukwazi ukudweba uyadweba futhi

naseshadini…ngeke uthi uneshadi elilodwa, angaba noma mangaki, uma nje

ezokwazi ukucacisa lokhu ofuna abantwana bakwazi. Uma uwu-introjusa

umsindo, usebenzisa isithombe, ubabuze ukuthi abaqagele ukuthi yini le

esesithombeni..Bayaqagela-ke, uma kusobala bekubona kalula bayasho

ngaphandle kobunzima. Usuzobabuzabuza-ke imibuzo ngaleyo nto

esesithombeni, uzame ukuthi nobengayazi agcine eseyazi kahle ngoba phela

izingane azifani. Kokunye ungathi bayayazi into kanti bambalwa abayaziyo.

Uyababuza ke imibuzo, njengokuthi nje ake ngithi uzofundisa umsindo ka ‘d’,

usuzodweba idada, ubabuze ngalo ukuthi bake balibona yini, lidlani,

lihlalaphi, linjani umbala walo, likhona yini ekhaya, bayelesaba yini noma

abalesabi, liyadliwa yini, linoboya noma linamaqubu, njalonjalo.

159

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!