26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

You also want an ePaper? Increase the reach of your titles

YUMPU automatically turns print PDFs into web optimized ePapers that Google loves.

ungakhulumi ngemisho enemisindo abangayazi, noma uma kwenzekile, abe

mancane amagama anemisindo abangayazi. Kuye kube yinkinga uma

mhlampe usuzofaka igama elinomsindo abangawazi njengokuthi nje ukuba

usungafaka igama elithi “amandla”, bebe bengakafiki emsindweni ka “ndl”.

Ngiye ngigcizelele ukuthi babhale ama-sentence amafishane, ngibatshele nje

ukuthi “just write short sentences” ngemisindo eseniyifundile. Kodwa uma

sebefunda indaba, siyayifaka neminye imisindo ngoba eminye imisindo

izingenela yona. Mhlampe kuthiwe ene ingane encane iwise ibhakede ngoba

ingenawo ...amandla. Obvious uyabona ukuthi kufuneka igama elithi

“amandla”. Ngale ndlela ke uyabona naye ukuthi oh, ibhakede liwile, ingane

incane, ngakho yini engenayo ingane...”ngamandla” . Ngamanye amazwi

kufanele kube khona i-information ethile anayo umntwana uma efunda

indaba. Ngingabuye ngibabuze ngithi konje umsindo loyana wamandla ekade

siwubona ubhalwa kanjani...Uma sengithi abakhe imisho kuye kufanele kube

imisho emifushane impela ngiye ngikugcizelele lokho ukuthi ayibe

mifushane. Angisebenzisi ngisho ipeni elibomvu ngisebenzisa ipeni lomsizi

ngoba ipeni elibomvu liya-discourager.

Kule nkulumo engenhla kuyacaca ukuthi izithombe zibalulekile ekufundiseni ukufunda.

Lapho zisetshenziswa, abantwana bakha amagama nemisho emifushane ngokuhumusha

izithombe. Kodwa futhi kule nkulumo engenhla kuyaqapheleka ukuthi uthisha

unokuziphikisa lapho ethi endabeni bayayifaka nemisindo engakafundwa ngoba enhla

nale nkulumo uthi abakwenzi lokhu. Lokhu kukhombisa ukuthi akanaso isiqiniseko

ngakushoyo nangayaye akwenze.

5.2.2.2 UKUSETSHENZISWA KWEZINCWADI ZEZINDABA

Izindaba ziyingxenye yokufundisa ukufunda okubhaliwe kubantwana abasebancane.

Ababili othisha kulabo abayisishiyagalombili ababebambe iqhaza ocwaningweni,

bachaza ukuthi baqala ngokuthi baxoxele abafundi indaba bengakayifundi bona

ngokwabo [abafundi], bethi beqambe beyifunda, uthisha abe esebafundele, bamlalela

ngenkathi eyifunda. Kwesinye isikhathi uthisha uye abanike ukuba bayifunde emva

kokuba esethule umsindo omusha wangalelo sonto, baphinda babhala namagama kumbe

nemisho ethile. Kanjalo nendaba nayo kuyaye kube ngezogqamisa umsindo lowo

ofundiswa ngalelo viki. Njengoba basuke besebancane, uthisha akakhethi indaba

engaphezu kwezinga labo lokukhula. Nakuba zingaba khona ezinye izinhlamvu abangabe

bengakangeniswa kuzo, kodwa lokhu akusho ukuthi sekungaba yisimbelambela ukuba

kube nemisindo asebeyifundile kuphela. Eminye imisindo iyazingenela yona ngesikhathi

164

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!