26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

You also want an ePaper? Increase the reach of your titles

YUMPU automatically turns print PDFs into web optimized ePapers that Google loves.

ezibalulekile kanti futhi lezo zindlela zingasetshenziswa ukuhlola imibono

engaqinisekisiwe evele ikhona, ngaleyo ndlela bese lokhu kuthathwa njengohlaka

lwenjulalwazi.

Kusemqoka ukuthi izinhlaka (frameworks) kumele ngaso sonke isikhathi zibe nemigomo

nemingcele ethile. Ngamanye amazwi kubalulekile ukuthi ukwenza ucwaningo

olumayelana, isibonelo, nokufundiswa kokufunda okubhaliwe, kweyame ohlakeni

oluthile njengoba kungaba lukhuni ukukuchaza ukuthi kuyini futhi kwenzeka kanjani.

Ngale kwalokhu, kusiza ekutheni kube lula ukuthi okutholakele kuthathwe njengolwazi

oluhloliwe nolusezingeni eliphezulu, okuyinto engelula uma ucwaningo

lungeyamanisiwe nohlaka oluthile.

Lokhu kuchaza ukuthi lowo nalowo msebenzi wocwaningo kumele ulawulwe luhlaka

lwenjulalwazi, ugxekwe noma unconywe ngabanye abacwaningi, ukuqinisekisa iqophelo

lawo eliphezulu ukuze ungeyeki futhi ukholakale. Kuzosetshenziswa kokubili uhlaka

lwenjulalwazi kanye nohlaka lwemicabango, ukuze kuthi lapho uhlaka lwenjulalwazi

luhluleka ukucacisa khona, lulekelele uhlaka lwemicabango, njengoba ekhona amanye

amakhonsephthi angeke acaciswa kahle uhlaka lwenjulalwazi, yize ukuthi ayaphatheka

kuyo injulalwazi futhi abalulekile, kepha kuphela awacacisekile. Ngale ndlela, leyo

micabango izothathwa njengengxenye yohlaka lwenjulalwazi, ayizimele yodwa

ngokwayo.

4.6 AMANQAMPUNQAMPU NGEZINJULALWAZI EZIMAYELANA

NOKUFUNDA ULIMI.

Njengoba ukufunda okubhaliwe kungenye yezinto ezisemqoka ekufundeni ulimi, kulesi

sigaba ngizoxoxa kafushane mayelana nokushiwo ngabacwaningi abaningi abacwaninga

ngokuthi isidalwa esingumuntu silufunda kanjani ulimi. Laba bacwaningi babebheka

ukuthi ingane encane ilufunda kanjani ulimi. Ama-behaviourists aphawula ngokuthi

umuntu ulufunda kangcono ulimi uma ephila kuleyo ndawo (environment) noma ekuleyo

121

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!