26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

Create successful ePaper yourself

Turn your PDF publications into a flip-book with our unique Google optimized e-Paper software.

ngamunye umusho akhombe ingane ukuba iwufunde. Lapho ingane isiwufundile umusho

yayiwubhekisa ekilasini ukuba nabafundi abanye bawufunde bese uthisha

ewunamathelisa ebhodini. Nasi isibonelo ngezansi:

Fig. 16 Imisho eyayakhiwa ebangeni lesibili eGolide

Imisho

1. Angibonanga ukuthi sishone ngakuphi.

2. Uvele washosholoza wangabonwa muntu.

3. Ubaba ushaye sengathi isithuli.

4. Usho nokusho ukuthi akanakuwugibela ugandaganda.

5. Kumane kwaphendula uShobede ngokushesha.

Sebeqedile, uthisha wabe esethi abayibhale imisho leyo ezincwadini zabo injengoba

injalo. Ngale ndlela abazange babhale isibizelo njengasesikoleni iMbalenhle njengoba

khona njalo ngoLwesihlanu kubhalwa isibizelo kuwo onke amabanga aphansi. UJoubert

nabanye (2008, p. 128) babeka ukuthi lapho uthisha ehlola ukufunda, ukwenza lokhu

ukuze ahlole ukuthi izindlela namasu abewasebenzisa kusebenziseke ngempumelelo yini,

nokuthi ingane ifunda ngendlela okulindeleke ukuba ifunde ngayo, futhi iyathuthuka

ekufundeni okubhaliwe.

Ngamanye amazwi, ukuhlola ukufunda okubhaliwe kumele uthisha akuhlole ngezindlela

ezihambisana nokufunda okubhaliwe, njengoba ngichazile kabanzi ngalokhu esahlukweni

sesibili, kodwa kungabi sengathi ubefundiswa ukufunda umbhalo kodwa lapho esehlolwa

ahlolwe uikhono lokubhala. Isibonelo, lapho umntwana ehluleka ukufunda okubhaliwe,

kusuke kuchaza ukuthi umbhalo awufundayo ungaphezu kwezinga lakhe lokufunda

okubhaliwe. Ngaleyo ndlela kuye kufanele anikwe omunye ongaphansi ngokwezinga

noma ngokwenzinga lobulukhuni. Lokhu kungenxa yokuthi umntwana nomntwana

wehlukile kwabanye, kanti futhi akaqhudelani namuntu lapho efunda okubhaliwe, okusho

ukuthi uthisha kumele amlekelele ekutheni aphumelele ngokwakhe, angaqhathaniswa

nabanye abafundi ekilasini.

226

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!