26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

You also want an ePaper? Increase the reach of your titles

YUMPU automatically turns print PDFs into web optimized ePapers that Google loves.

L: Kuthuleke

T: Laphaya sibona umfana, ingane elunywe yinyoka le esesithombeni sokuqala,

isesibhedlela ngoba ilunywe inyoka, beningakucabangi lokho nina?

Kule ndaba kwacaca ukuthi umsindo uthisha agxile kuwo umsindo ka ‘sh’ ngoba

amagama amaningi ayenawo lo msindo, kanti futhi wawubhalwe ngohlamvu olugqamile.

Emva kwalokhu uthisha wabe esebuza imibuzo ngomlomo, ngaphambi kokuba athi

mabayiphendule ezincwadini zabo ngokwamaqembu. Lokhu kukhombisa ukuthi uthisha

wayebahlola abafundi ukuba basiqondile yini isiqephu lesi. Lokhu wakwenza nakuba

engachithanga isikhathi esanele ekufundiseni ulwazi lwamagama, nokuba athuthukise

ukufunda ngokunganqikazi lapho befunda.

6.2.2..5 NGOLWESIHLANU

Ngosuku lwesihlanu evikini uLwesihlanu, uthisha wathi mabasho inkondlo ethi

‘isitimela’. Le nkondlo yayinawo umsindo ka ‘sh’ ababegxile kuwo ngalelo sonto.

Babeyisho balingise, belingisela ukukhushuza kwesitimela, sijikajika, sibagwinya,

sishona emgodini, sishushuluza sibashiya emakhaya. Babekujabulela lokhu kulingisa

abantwana, bekwenza nothisha wabo.

Fig. 15 umlolozelo webanga lesibili eGolide

Isitimela

Khushukhushukhushu,

Pe pe pe nas’isitimela,

Sijikajikeleza,

Sihamba sibagwinya,

Sibuye sibahlanze,

Sishona emgodini,

Sishushuluza njalo,

Sibashiy’emakhaya

Nakuyo le nkondlo, kuyacaca ukuthi uthisha wayefundisa umsindo ka ‘sh’ okuyiwona

ayegxile kuwo. Emva kwalokho wabe esekhipha imisho esikiwe (sentence strips)

225

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!