26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

You also want an ePaper? Increase the reach of your titles

YUMPU automatically turns print PDFs into web optimized ePapers that Google loves.

Sekuzoxoxwa-ke ngaleli dada, nobengalazi agcine eselazi kahle. Uyabathathake

niye ebhodini eduze kweshadi, uqinisekise ukuthi wonke umuntu uyakwazi

ukubona eshadini. Usebenzisa induku ukukhomba, ubenze ukuba nabo

bafunde, ubanike nethuba lokufunda ngamaqembu ngababili noma ngamunye.

Emva kwalokho usuzothi abawabhale-ke lawo magama akade niwenza.

Kuyenzeka abanye uma uthi abawabhale enjengoba enjalo, bahluleke yize

ekhona ebhodini. Kanti abanye-ke bayakwenza kahle. NgoLwesibili-ke

niyaqhubeka nawo lowo msindo bafunde kanjalo, namagama ebeniwenza

izolo awuwesuli, ungenza nje ushintsho oluncane uma sikhona isidingo,

kodwa ungenza nje mhlampe ama-activities ahlukile uma uthanda noma

uphindaphinde khona lokho kwayizolo. Ungababhalisa nemisho uthi

abagcwalise, usebenzise izithombe ezithile ezihambisana nalowo msindo,

ukuze bezokwazi ukucabanga ngesithombe bese bebona ukuthi yiliphi igama

okumele balifake, kuningi nje. NgoLwesithathu siyafunda sibhale futhi,

ngawo lowo msindo ofanayo. Ungabaxoxela nendaba noma uyibhale eshadini

bayifunde, bakhombe bona ngenduku, njalonjalo. NgoLwesine sivama ukuya

e-library. Bayafunda e-library izincwadi ezithandwa yibona asibaphoqi.

Lokho kusiza ekutheni umfundi abe nothando lokufunda. Kodwa ke ngenxa

yokushoda kwezincwadi, kuyenzeka uthole sebebambisana incwadi eyodwa,

bafunde ngababili. NgoLwesihlanu-ke sibhala isipelingi samagama ayishumi

njalo nje...

Kanti uthisha uSbo yena uthi:

Okey, uma abantwana befika besuka ebangeni lokuqala basuke befunde

imisindo ehamba ngayodwa, engiyaye ngikwenze ukubukeza lokhu abasuke

bekwenze ebangeni lokuqala. Ngibe sengiqala lapho ukubafundisa.

NgoMsombuluko ngethula umsindo, sakhe amagama analowo msindo.

NgoLwesibili siyawafunda amagama, ngiyadweba nezithombe ezinamagama

analo msindo esiwundayo. NgoLwesithathu bayabhala, baqhathanisa

izithombe namagama. NgoLwesine sibhala imisho. Uma sibhala imisho

inhloso lapho kusuke kuwukubafundisa ukuthi ubhalwa kanjani umusho.

Isibonelo: baqale ngohlamvu olukhulu ekuqaleni komusho, babhale igama

lomuntu, isibongo, indawo, sikole, njalonjalo ngegama elikhulu

usonhlamvukazi phela. Uma sakha imisho senza isiqiniseko sokuthi ayikho

imisindo esingakayifundi. Uma ngethula umsindo ngiyawubhala ebhodini

bese ngibuza kubo ukuthi uthini loya msindo. Imvamisa-ke vele sisuke

sikhona isithombe ebhodini esinegama elinalo msindo esiwufundayo.

Isibonelo: ngidweba inqola ebhodini noma nginamathisele isithombe,

ngibabuze ukuthi bacabanga ukuthi yini lena noma babona ini. Imvamisa

bayakwazi ukubona into edwetshiwe,Bazokutshela ukuthi inqola.Bese

uyabatshela ukuthi igama elithi inqola linomsindo u ‘nq’. Ubabhalele

ebhodini, ubabuze ukuthi u ‘nq’ unemisindo emingaki, wakhiwe imiphi

imisindo. Bazosho ukuthi umsindo kanana (n) nomsindo weqanda (q).Yiyonake

indlela engifundisa ngayo. Bese kuthi ngoLwesihlanu sibhale isipelingi

ngalo msindo ekade siwenza, amagama esikade siwafunda ahlala ebhodini

kuze kube uLwesihlanu, asiwesuli.

160

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!