26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

Create successful ePaper yourself

Turn your PDF publications into a flip-book with our unique Google optimized e-Paper software.

Lapho uthisha eseqedile ukuxoxa indaba wabe esethi abafunde abafundi

ngokwamaqembu. Ngesikhathi befunda wayebakhuza ebalungisa lapho babengabizi

kahle khona amagama noma bengahloniphi izimpawu zokukhanyisa. Esephelile

amaqembu, bafunda ngababili abafundi, kwagcina uthisha esekhomba umfundi ngayedwa

ukuthi afunde. Le ndaba yayiveza isithombe sokuthi uma ungasazi isiNgisi awulutho

emphakathini ngoba ‘awazi lutho’. Lokhu kwasekelwa nanguye uthisha uqobo

owaphawula kanje:

Yeyi bantabami kuhle ukusazi isiNgisi...kuyaphoxa ukuthi umuntu angasazi

isiNgisi ngoba uphuthelwa yizinto eziningi. Uma ungasazi isiNgisi kunzima

nokuthola umsebenzi, futhi awukwazi ngisho ukufunda iBhayibheli lodwa

leli. Fundani isiNgisi ngoba kuyaphoxa ukuthi umuntu kwaziwe ukuthi

ufunda isikole kodwa uma sekuthiwa akakhulume isiNgisi, dwalala, Enye

intombazane esontweni bayinika iBhayibheli lesiNgisi kwathiwa ayifunde,

lutho! Asiphoxekanga kanje, saswela umgodi kade sithembile sithi phela

umfundi lona owenza ibanga leshumi imbala, kodwa lutho akasazi isiNgisi,

uhlulwa ngisho nawukufunda. Uma ungasazi isiNgisi wona umsebenzi

uyowuthola kanjani? Uyathanda wena abantu bayahleka ngapha nangapha

wena awazi nokuthi kuhlekwani, mhlampe kuhlekwa wena nje...

Lokhu kuphawula kukathisha kwaveza isithombe sokuthi uthisha akaluthandi ulimi

lwesiZulu, ngakho ukuze izingane ‘ziphucuzeke’ kufanele zifunde isiNgisi. Ukukhethwa

kwale ndaba ukuba ifundwe yizingane kungaba nomthelela ekutheni izingane zikhule

zilwenyanya ulimi lwazo lwesiZulu ngoba ‘azizukuba yilutho’ ngaphandle kwesiNgisi.

Lokhu kwaveza nesithombe sokuthi uthisha akanaki ukuthi uyikhetha kanjani indaba

ezofundwa yizingane. Ngikusho lokhu ngoba abacwaningi abaningi bayavumelana

ngokuthi izincwadi ezifundwayo zingayilolonga impilo zigxilise indlela ethile yokubuka

impilo (Fox, 1993; Gooden, 2001). Baqhubeka bachaze laba babhali ukuthi nanoma yini

esiyifundayo isenza sibe yilokhu esiyikho, yingakho bethi nakuba izincwadi zimqoka

ekukhuliseni izingane nokucabanga kwazo, ziphinde zibe yindlela yokufundisa

nangenqubo yomphakathi, zenze abantwana baziphathe ngendlela ethile (Fox, 1993;

Gooden, 2001).

Kanti u-Eisenberg (2002) waseNyuvesi ePace uphawula ngokut hi abantwana babonakala

bekwazi ukubamba kangcono ulwazi abaluthola ezincwadini kunalolo abaluthola

257

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!