26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

Create successful ePaper yourself

Turn your PDF publications into a flip-book with our unique Google optimized e-Paper software.

ingakwazi ukwenabela kubantu, noma ezikhungweni eziningi kunaleso/kunalezo

ebezicwaningwa. Lokhu kwenzeka ngokuhlola ukuthi imiphumela yocwaningo

ingakwazi yini ukudluliselwa/ukwenabela nakwamanye amabanga aphansi,

okungamanye amabanga esithathu nawesibili ayengeyona ingxenye yocwaningo kulezi

zikole.

Ngale kwalokhu, ukukholakala kwemiphumela kwenziwa ngokusetshenziswa

kwezindlela ezintathu zokuqoqa kolwazi, okwakuyizingxoxo / inhlololwazi esakuhleleka

(semi structured interviews), ukubukela othisha befundisa (observations), kanye

nokuhlaziywa kwemibhalo (content analysis) okuqukethe ulwazi othisha abathembele

kulo ekufundiseni ukufunda, kanjalo nemigomo yolimi yesikole. UCohen, Manion

noMorrison (2008, p. 149) baphawula ukuthi enye yezindlela zokwenyusa ubuqiniso

ukuba kusetshenziswe izindlela ezahlukene ekuqoqweni kolwazi oludingwa ucwaningo,

okubizwa ngokuthi yindlela yokudidiyela izindlela ezahlukene zokuqoqa ulwazi

locwaningo (triangulation).

Ngaleyo ndlela ukukholakala kwemiphumela kwahlolwa, kusetshenziswa ukukholakala

kwangaphandle; okwafezeka ngokwenza ngokuyimpumelelo ukusabalalisa imiphumela

yocwaningo nakwamanye amabanga afanayo ezikoleni engangisebenza ngazo. Lokhu

ngakwenza ukuze ngibheke ukuthi imiphumela yayizofana yini naleyo engangiyithole

kulawo mabanga engangiwacwaninga.

3.9.2 UBUQINISO (RELIABILITY)

ULeedy beno-Ormrod (2005, p. 29), bavumelana ngokuthi ubuqiniso busho

ukungaguquki kwemiphumela yocwaningo uma lokho okuhlolwayo kungazange

kushintshwe; kusalokhu kuhlolwa yona into efanayo. UCohen, Manion noMorrison

(2008) baphawula ngokuthi ocwaningweni lwesimo, ubuqiniso busho ukufana kwalokhu

umcwaningi akushicilele njengolwazi olutholakele kanye nalokho okwenzeka ngqo

esimweni esijwayelekile okuyisona umcwaningi afuna ukwazi ngaso. Lokhu kuchaza

ukuthi ulwazi olushicilelwe phansi ngumcwaningi kufanele lucace bha futhi lukwazi

112

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!