26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

Create successful ePaper yourself

Turn your PDF publications into a flip-book with our unique Google optimized e-Paper software.

ayijwayele ukuba nenkinga esikoleni nasempilweni yayo yonke yokufunda (Goodman,

1986; Morrow, 2005).

Nakuba othisha besho kanjena, baveza ukuthi akwenzeki ngendlela efanele lokhu ngoba

abazali abaningi abalibambile iqhaza njengabazali bezingane ekuzilekeleleni ukuba

zithuthuke ekukwazini ukufunda okubhaliwe. Lokhu kubonakala nangokuthi ingane

bangayilekeleli emsebenzini wasekhaya ewunikwe esikoleni, nokuthi umzali abe

yisibonelo esibi enganeni ngokuba abase umlilo ngencwadi yengane yokufunda.

Isibonelo, inkulumo kathisha uSbo ikucacisa kahle lokhu:

… ngihlangabezana nezinkinga uma ngibanikeze umsebenzi wasekhaya ngoba

abanye ababuyi nazo izincwadi [izincwadi zokubhala], uma ubuza bakutshela

ukuthi ugogo ubase ngayo imbawula noma uyisebenzise eya endlini encane.

Impendulo kathisha uZanele nayo igcizelela khona ukungatholi ukwesekwa

kwabantwana ngabazali babo emakhaya. Yena ubeka kanje:

...angazi yini imbangela yokuthi abazali banamhlanje kabanikezi izingane

zabo usizo ezifundweni, noma yingoba abakakhuli ngokwanele ukuba

ngabazali.Ngiyacabanga imbangela yiyo eyokuthi bathola izingane

besebancane abanendaba nemfundo yezingane zabo into abanendaba nayo

injabulo yabo nabo kufanele bafundiswe ngokunakekelwa kwabantwana

ngoba abazi.

Ngenxa yokungabambisani kahle kothisha nabazali bezingane ekutheni zithuthuke kahle

ekufundeni okubhaliwe, lokhu kunomthelela omubi ezinganeni njengoba uthisha uJabu

eveza ukuthi ngenxa yabazali abangenandaba nokulekelela izingane, nazo zize

ziphelelwe umdlandla wokufunda, njengoba azisafani nezingane zakudala ezazinothando

lokufunda. Ubeka kanje uthisha uJabu:

Uyabona nje izingane engangizifundisa kuqala, ngiyazihlonipha ngoba

zazifunda ngento ezingayazi, ziyifunde ziyiqonde futhi uma uzifundisa

ngempela. Namhlanje ngisho zingahamba nama-ex book, uthi aziyokwenza

umsebenzi, zibuya nawo engcolile edabukile ngoba azinandaba. Ezakuqala

zazisebenzisa i-slate, sizisule kahle, zilungele ukufunda.

186

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!