26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

Create successful ePaper yourself

Turn your PDF publications into a flip-book with our unique Google optimized e-Paper software.

3.6 UKUQOKWA KWEZIKOLE NOTHISHA (SAMPLING)

Kwakhethwa izikole ezimbili zamabanga aphansi eMlazi. Othisha baba

yisishiyagalombili sebebonke, abayisithupha eMbalenhle, nababili eGolide. EMbalenhle

baba bane abebanga lesibili, baba babili abelesithathu. EGolide kwaba nguthisha oyedwa

kulelo nalelo banga kwacwaningwayo. Lokhu kwenziwa ngesizathu sokuthi singabi

sikhulu kakhulu isibalo sabazobamba iqhaza ocwaningweni, kakhulukazi njengoba

othisha babechazile ukuthi bahlala phansi ndawonye, bavumelane ngabakufundisayo

nangezindlela abazisebenzisayo, nanokuthi kungabi khona ukuphindaphinda.

3.7 UKUQHUTSHWA KOCWANINGO EZIKOLENI (DATA COLLECTION IN

THE SCHOOLS)

Ulwazi oludingwa ucwaningo lwaqale lwatholakala esikoleni iMbalenhle esinothisha

abayisithupha, abane ebangeni lesibili nababili ebangeni lesithathu. Esikoleni iGolide

othisha ababecwaningwa babebabili, emunye ebangeni lesibili, emunye futhi ebangeni

lesithathu. Lokhu kwenzeka ngenyanga kaMandulo ngonyaka wezi-2009. Kwaba

nezingxoxo/ inhlololwazi esakuhleleka phakathi kwami njengomcwaningi kanye

nabacwaningwayo. Inhlololwazi yayithatha isikhathi esingangehora kulowo nalowo

thisha owayebambe iqhaza ocwaningweni. Kwakwenzeka kwesinye isikhathi kweve

kancane ngemizuzu lapho ocwaningwayo enokuningi ayekusho. Ngaleso sikhathi

sezingxoxo ngangisebenzisa isiqophamazwi. Lokhu ngangenzela ukuthi lapho sengibhala

phansi ingxoxo enganginayo nabacwaningwayo, ngikuthole lokho kunjengoba kunjalo,

kungaze kwahlanekezeleka, ngize ngisho okungashiwongo ngocwaningwayo.

Ngaphandle kwalokhu, nganginomsizi owayelekelela ngokushicilela phansi amanothi

ngokwakwenzeka nokwakukhulunywa ngalezi zingxoxo. Esikoleni sokuqala ngathatha

izinsuku ezintathu ukwenza lezi zingxoxo, kwathi kwesesibili ngathatha usuku olulodwa

ngoba babebabili kuphela abacwaningwayo. Inhlololwazi yayilungiselelwe futhi imibuzo

ibhalwe phansi, kanti imibuzo yayiyishumi nesikhombisa okwakumele iphendulwe

ngabacwaningwayo. Ngale kwale mibuzo eyayilungisiwe, yayiba khona imibuzo

107

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!