26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

You also want an ePaper? Increase the reach of your titles

YUMPU automatically turns print PDFs into web optimized ePapers that Google loves.

2.4.6. I-WHOLE LANGUAGE APPROACH

I-Language Experience Approach iyingxenye ye-Whole Language Approach. Kule ndlela

kunokugcizelelwa kobudlelwane obuphakathi kokulalela, ukufunda, ukukhuluma, kanye

nokubhala. Abacwaningi bale ndlela bathi iyi-top-down ngoba umqondo wombhalo

uncike olwazini oluyisisekelo noma oluvele lukhona kanye nomqondo oza nomfundi

wombhalo. Umfundi wombhalo wakha imicabango engafakazelwanga (hypotheses)

aqagele, acabange okuzokwenzeka embhalweni, alandele umbhalo ukuze aqinisekise

lokho abekade ekuqagelile (Wren, 2009). Umbono ngale-Whole Language Approach

ukuthi ukufunda kuzenzakalela nje ngokwemvelo, okungehlukile ekufundeni

ukukhuluma. Abacwaningi bale ndlela, bavumelana ngokut hi ingane ephila lapho

kuvame okubhaliwe, nehlala ekhaya lapho kunezinto eziningi ezibhaliwe,

njengezincwadi, amaphephandaba, nomabonakude, ingakwazi ukufunda okubhaliwe

ngaphandle komzabalazo omkhulu. Lokhu kungabandakanya ulwazi oluqhamuka

kokukhulunywayo, okulalelwayo, olufundwa phansi, kanye nolubhalwayo, kuhlanganisa

nezithombe (Wren, 2009).

Ingane encane ekilasini lapho kusetshenziswa khona le ndlela, ihlinzekwa ngencwadi

elula, enezithombe, enokuphindaphinda kokubhaliwe, ngaleyo ndlela incwadi ize

ijwayeleke enganeni futhi iyijabulele. Okuyiyona nto esemqoka ekufundiseni ngale

ndlela ukuthi akukhona ukufunda ngobunyoninco noma ukufunda ‘kahle’ kodwa ukuba

ingane iqondisise ekufundayo nokuba izuze uthando lokufunda, ikujabulele ukufunda

okubhaliwe (Wren, 2009). Ngale ndlela, abantwana akulindelekile ukuthi bafunde igama

ngegama elisembhalweni kodwa bayavunyelwa ukuba bafake awabo amagama noma

ngabe engekho embhalweni lowo, inqobo nje uma lokho kunomqondo.

Ngakho-ke ngokwale ndlela, kuyacaca ukuthi ukufunda okubhaliwe kungeke kwathiwa

kwenzeka ngendlela ethile ehlukile, kube nesikhathi esibizwa ngokuthi esokufunda

umbhalo futhi kube nendlela eyodwa yokukwenza. Kusemqoka futhi ukuthi abantwana

babe nezincwadi zokufunda noma ngabe bengakakwazi ukufunda, bajwayele okubhaliwe,

ngoba lokhu kubakhuthaza ukuba bafunde okubhaliwe (Joubert et al, 2008, p. 95).

76

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!