26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

Create successful ePaper yourself

Turn your PDF publications into a flip-book with our unique Google optimized e-Paper software.

ukufunda okubhaliwe, noma ngabe kwakululimi lokuqala (lwasekhaya) noma lwesibili (

lokwethekelwa). Kulolu cwaningo abantwana abayidlanzana abaqhamuka emakhaya

anothile babebamba kangcono lapho befundiswa kunalabo abavela emindenini ehlwempu

bamaDashi (Dutch). Mayelana nokukwazi ukufunda ngokuqondisisa okubhaliwe kanye

nokukw azi ukuk huluma, abantwana bamaDashi yibona ababengcono kunalabo

abaqhamuka emakhaya antofontofo. Lapho kukhulunywa ngobudlelwano phakathi

kwamakhono olimi olukhulunywayo namakhono okufunda okubhaliwe, ukufundwa

kokubhaliwe kwakulekelelwa ukuqondisisa ngolwazi lolimi umfundi analo kunalapho

kwakufanele umfundi abe nolwazi lokufunda amagama, noma ngabe kwakululimi

lokuqala noma lwesibili.

2.2.2 UCWANINGO OSELWENZIWE ENINGIZIMU AFRIKA

Ngokocwaningo olwenziwa nguLessing no-de Witt (2001) eNyuvesi yaseNingizimu

Afrika, othisha abafundisa ukufunda emabangeni aphansi babika ukuthi badinga ukuthola

uqeqesho noma ukwelekelelwa ngamakhono okufundisa ukufunda okubhaliwe kula

mabanga, njengoba babengazi ukuthi yini okumele bayenze noma elindelekile lapho

befundisa ukufunda okubhaliwe. Ngenxa yalesi sikhalo sothisha, uLessing beno-De Witt

(2001) benza i-workshop eyayigxile ekufundisweni kokufunda okubhaliwe ngendlela ye-

Outcomes Based Education (OBE). Othisha bafaka imibono yabo ngokuthi babedinga

kakhulu uqeqesho ikakhulukazi ngokufundiswa kolwazimagama, ulwazi lokubona /

lokuhlonza amagama, ukufunda amagama enjengoba enjalo embhalweni, kanye

nokuqondisisa. I-workshop enjengalena yatholakala ilusizo kothisha, yatholakala

ibakhulisa nangezindlela zokufundisa ukufunda okubhaliwe, nokuqonda kangcono

ngokuthi kusho ukuthini ukufundisa ukufunda okubhaliwe.

ULe Roux (2002a) waseNyuvesi yaseNingizimu Afrika sewake wenza ucwaningo

olugxile emaswini asetshenziswa abafundi baseNyuvesi yaseNingizimu Afrika abenza

isiZulu njengolimi lokwethekelwa ezingeni lomfundi osafufusa ekufundeni ukufunda

umbhalo. Ngokwejwayelekile, imibiko yocwaningo iye ikuveze ukuthi abantwana benza

kangcono lapho befunda ukufunda okubhaliwe ngolimi lwabo, njengoba indlela abenza

51

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!