26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

You also want an ePaper? Increase the reach of your titles

YUMPU automatically turns print PDFs into web optimized ePapers that Google loves.

kuyindawo esengake ngahlala kuyo. Ngachaza nangokuthi ngiyakwesaba ukuduka

endaweni engingayazi kodwa kungcono khona eMlazi ngoba yindawo engingeke

ngaduka kuyo kalula. Ngale ndlela ngazithola ngemukelekile, ngisekhaya. Ngaqala

lapho ukwenza ubungani nothisha. Isibonelo, ngake ngayobabona ngaphambi kokuba

kuqale ucwaningo, ngaxoxa nabo nje ngokukhululeka, ngenzela ukuthi kungaze kwaba

bikho ukuxwayana ngesikhathi sengizoqoqa ulwazi locwaningo, ngoba babezobe

bekhuluma nomuntu asebemjwayele abase bekwazi ukukhuluma naye ngokukhululeka.

Njengoba ngike ngaveza phambilini, ekuqaleni ngabe ngicele imvume yokwenza lolu

cwaningo ezikoleni ezintathu, futhi ngayithola imvume kuzo zontathu, futhi ngaphinde

ngenza nemihlangano nothisha ababezobamba iqhaza kuzo zontathu lezi zikole. Kwaba

njengoba kwakuvunyelwene kwezimbili, kodwa kwesesithathu, washayisana

nembibizane yokut hi izinto zabe sezishintshile ngesikhathi sengilungiselela ukuqa la

ukuqoqa ulwazi locwaningo. Lokhu ngakuthola ngesikhathi sekufanele ngihlele

ukuyoqala ucwaningo njengoba ngabe sengizoqala ngaso lesi sikole. Ngathola ukuthi

umphathi waso wabe esengitshela ukuthi kwakufanele ngiqale phansi ngibhale incwadi

yesicelo sokwenza ucwaningo okwesibili. Wabeka isizathu sokuthi kwabe

sekunomkhandlu omusha wesikole ngakho kwakuzofanele ngiqale kabusha ukucela

imvume ngoba lo mkhandlu wawungekho ngesikhathi kwenziwa isivumelwano

sokwenza lolu cwaningo esikoleni sabo. Ukukhethwa kwemikhandlu emisha yinto eyabe

yenzekile kuzo zonke izikole njengoba nakuzo lezi ezimbili babengazisile ngakho ukuthi

kwenzekile, kodwa akuzange kube namthelela omubi ezivumelwaneni ezabe sezivele

zikhona phakathi kwami njengomcwaningi nothisha bezikole.

Kwaba umqansa-ke kimi ukuqala phansi into engabe sengiyenzile, ngenxa yokuthi

nesikhathi sabe sesihambile. Ngangikade ngilinde isikhathi eside ngingatholi ncwadi

yekomidi elibhekelela inkambiso elungileyo yokwenza ucwaningo; engigunyaza ukuba

ngenze ucwaningo, ngakho kwakungaselula ukuphinda ngiqale phansi ngifake isicelo

kabusha. Incwadi eyayingigunyaza ukwenza ucwaningo yafika sekuzophela unyaka, futhi

sekusondele isikhathi sokubhala izivivinyo zokuphela konyaka ezikoleni; ngakho

kwakungelula ukuphinde ngiqale phansi ngazise isikhungo engangifunda kuso

104

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!