26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

You also want an ePaper? Increase the reach of your titles

YUMPU automatically turns print PDFs into web optimized ePapers that Google loves.

Kanjalo futhi u-Inglis nabanye (2000, p. 57) bafakazelana ngokuthi ukufunda okubhaliwe

yiyona ndlela esemqoka ekutheni abantu bathole izindaba, ulwazi kanye nemiqondo

yabanye abantu. Laba bacwaningi bavumelana ngokuthi ukufunda okubhaliwe

okungenanjongo yokuqonda okufundwayo akunamsebenzi walutho, akunangqondo.

Bavumelana ngokuthi lapho umfundi wombhalo efunda, kumele akwazi ukwakha

isithombe ngento ayifundayo.

Yingakho nje o-Smith benoRead (2005, p.12) bethi ukufunda okubhaliwe kwenzeka

ngokuthi ulwazi umfundi avele enalo ngalokho akufundayo kanye nolwazi oluza

nombhalo kuhlangana, kunikeze umqondo omusha. Kusobala ukuthi laba bacwaningi

babuka ukufunda okubhaliwe ngehlo lama-social constructivists. Isibonelo, uma uthatha

igama elithi ‘ijakhethi’, lapho umfundi efunda ngaleli gama noma nje lapho elibona,

kuyena engqondweni kwakheka isithombe ngaleli gama ngoba akaqali ukulibona. Njalo

nje lapho efunda ngaleli gama, kuba khona okuthile okunezelela kwakwaziyo ngaleli

gama. Angathola ulwazi mayelana nokuthi ijakhethi kumbe emnyama, kumbe ijakhethi

yasebusika, ijakhethi yasehlobo, ijakhethi kasibanibani, njalonjalo. Konke lokhu kwakha

kumntwana lokhu esikubiza ngokuthi ngama-‘schemata’, okungulwazi olukumntwana

mayelana nento ethile aseke afunda ngayo, wezwa noma wayibona. Ngale ndlela

kubalulekile-ke ukuthi lapho umntwana efunda, kube khona akwaziyo ngalokho

akufundayo, ukuze akhele ulwazi olusha phezu kwalolo analo. Lokhu kusiza ekutheni

akuqonde kangcono afunda ngakho. U-Wessels beno-Van den Berg (1999, p. 99)

bengeza ngokuthi:

These concepts or ideas about various aspects of the world around us are

known as schemata (plural) and schema (singular). When the word ‘bicycle’

is heard or read, schemata are activated and the listener or reader is able to

understand what is meant by a sentence such as ‘Ride on your bicycle’, ‘the

man is riding a bicycle’.

Ngalawa mazwi acashunwe ngenhla, kuyacaca ukuthi inhlanganisela yezindlela

zokufundisa (Integrated Approach) ibalulekile lapho kufundiswa ulimi. Lokhu

kugcizelela ukuthi ukufunda okubhaliwe kungenzeke njengento nje ezihambela yodwa,

kodwa kusho ukuthi umntwana kumele abuye alalele, akhulume, futhi abuye abhale

135

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!