26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

You also want an ePaper? Increase the reach of your titles

YUMPU automatically turns print PDFs into web optimized ePapers that Google loves.

sokufunda kubantwana siphansi kakhulu ngoba lapho abantwana befundiswa

ngezincwadi zezindaba nezinye izinhlobo zemibhalo, bafunda ulimi kangcono ngoba

kuningi abakutholayo emibhalweni eyehlukene. Ngikusho lokhu ngoba ingane engabe

iqale ekuqaleni konyaka ukufunda ukufunda okubhaliwe, kusetshenziswa, isibonelo,

izindaba; ngalesi sikhathi isuke isithuthuke kakhulu embhalweni lapho ingaqhathaniswa

nengane ekade ingayifundi imibhalo eyahlukene.

Kanti okwatholakala esikoleni iGolide ukuthi nakhona ebangeni lesibili othisha bafundisa

imisindo lapho befundisa ukufunda okubhaliwe. Ngakho-ke, njengoba sengike ngaveza

ngenhla, yingakho ucwaningo oselwenziwe luveza amazinga aphansi okufunda

eNingizimu Afrika. Isibonelo, uMnyango WezeMfundo ezingeni likazwelonke (2006)

wamemezela imiphumela yocwaningo olwalwenziwe ngabafundi bebanga lesi-3

ezikoleni zaseNingizimu Afrika. Lolu cwaningo lwaveza ukuthi abafundi abaningi

ekupheleni kwebanga lesithathu babengama-61% ababengakwazi ukufunda nokubhala.

Lokhu kufakazelwa nangoluningi ucwaningo, oluveza ukuthi abantwana baseNingizimu

Afrika bafunda ngokungaphansi kwamazinga abo okukhula (DoE, 1996; 2002; 2006;

2008c; Bharuthram, 2006; Pretorius, 2004; RNCS, 2003; Literacy for All, 2009).

Kuyamangalisa ukuthi othisha bathatha ukufundisa imisindo njengento ehamba phambili

nebaluleke okwedlula konke lapho befundisa ukufunda okubhaliwe. Kanti futhi kuyacaca

nokuthi othisha basuke bengacabangi ngamanye amakhono okufunda okubhaliwe lapho

befundisa, kanye nokuthi injongo yokufunda okubhaliwe iyini. Ngikusho lokhu ngoba

othisha abagqugquzeleli futhi abavezi ukuthi amanye amakhono bayawafundisa yini

kumbe ayingxenye yini yokufunda okubhaliwe lapho befundisa.

5.2.1.2 ISITHOMBE NGABATHI KWENZEKA USUKU NOSUKU

NgoMsombuluko ebangeni lesibili, lapho uthisha eqala efundisa ukufunda okubhaliwe,

uyaye abhale umsindo okugxilwe kuwo ngalelo sonto ungenankamisa, awubhale kahlanu

ngokwehlukana ungabi nabo onkamisa. Okuzolandela lapho ukuba athi abantwana

abayifunde le misindo. Lokhu kwenza ukuba kube umsindo nje ongenamqondo,

157

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!