26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

Create successful ePaper yourself

Turn your PDF publications into a flip-book with our unique Google optimized e-Paper software.

kubukwa ngaliphi iso ukunikeza leyo ncazelo. Okunye okubalulekile ukuthi uma umuntu

efunda ulimi, angeke akushiye ngaphandle ukufunda okubhaliwe ngalolo lulimi ngoba

nakho kungenye yezingxenye ezisemqoka ekufundeni ulimi, noma ngabe ulimi

lwasekhaya noma ngabe olokwethekelwa.

4.7 UHLAKA LWEMICABANGO (CONCEPTUAL FRAMEWORK)

Lapho umcwaningi eselwenzile uhlaka lwenjulalwazi, okuyisakhiwo semicabango evele

ikhona (structure of concepts that exist) futhi engumdwebo ovele ukhona wocwaningo,

umcwaningi kufanele akhe uhlaka lwemicabango uma uhlaka lwenjulalwazi kukhona

elungakucacisi kahle. Ngamanye amazwi lokhu kokubili kusetshenzisiwe kulolu

cwaningo ukuze umcwaningi angabi nenkinga ekuhlaziyeni lapho kumele ahlaziye

okungachaziwe ohlakeni lwenjulalwazi. Esigabeni esilandelayo kuzoqale kuchazwe

ukuthi uyini umcabango (concept).

Umcabango uyisithombe noma uphawu olumele umbono othile ongabonakali. Ngale

ndlela-ke uhlaka lwemicabango luhlanganisa imicabango ehlanganiswe ndawonye

njengomdwebo noma ibalazwe locwaningo. UChinn benoKramer (1999) noKhan (2004),

bachaza umcabango njengemicabango ejiyile yezinto ezenzakalayo noma ezibonakalayo.

Lapho uhlaka lwenjulalwazi luyinjulalwazi uhlaka lungukusetshenziswa kwayo leyo

njulalwazi (Khan, 2004, p. 10). Ngamanye amazwi yilapho umcwaningi ezibonakalisa

khona indawo ami kuyo mayelana nenkinga leyo ecwaningwayo futhi kulapho eveza

khona ukuthi ucwaningo lwakhe lubhekephi. Lokhu kungenxa yokuthi ohlakeni

lwemicabango kulapho umcwaningi eveza khona ukuthi umi kuphi yena ngencazelo

yamagama noma yemicabango ethile emayelana nalolo cwaningo, njengoba kungenzeka

ukuba zibe ziningi izincazelo ngesimo esithile noma ngamagama athile aphathekayo

kulolo cwaningo.

Lokhu kusiza umfundi wombiko wocwaningo ukuthi abone ukuthi umcwaningi yena

ngokwakhe umi kuphi-ke, noma uyiqonda kanjani into ethile. Yingakho-ke umcwaningi

ekhethe ukukusebenzisa kokubili, uhlaka lwenjulalwazi kanye nohlaka lwemicabango

123

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!