26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

You also want an ePaper? Increase the reach of your titles

YUMPU automatically turns print PDFs into web optimized ePapers that Google loves.

ndawo lapho lukhulunywa khona kanti futhi ukuhlangana ngokukhuluma nabantu

abakhuluma lolo lulimi kwenza ukufunda ulimi kube lula (Block & Israel, 2005).

Abanye ochwepheshe babala ukuthi umuntu ufunda ulimi ngokulukhuluma nabantu

abalukhulumayo (Bohannan, 1993; Cazden, 1992). Abanye bathi umuntu ufunda ulimi

ngenxa yezinkolelo zama-constructivists, wona agcizelela ukuthi ingane ifunda kangcono

uma iyingxenye yokufundwayo, futhi ibambe iqhaza elibalulekile ekufundeni kwayo.

Lokhu kusho ukuthi ingane kumele ibe nolwazi oluthile ezitholele yona yazibonela yona

ngokwayo ukwenzeka kwento ethile. Ngale ndlela, lokhu kusho ukuthi ulwazi analo

umuntu, avele enalo, izinkolelo avele enazo kanye nezehlakalo zemihla ngemihla aye

ahlangabezane nazo, kunomthelela ekufundeni kwakhe ulimi (Harris & Hodges, 1995, p.

43).

Ukulandela le njulalwazi yama-constructivists, uPiaget uqinisekisa ukuthi ingane ifunda

ukukhuluma kusukela ezintweni ezenzayo; kusukela emagameni efunda ngawo

ukukhuluma afana namabizo athile, izenzo, izinto eziphathekayo kanye nezinto nje eye

izibone zenzeka (Piaget & Inhelder, 1969; Block & Israel, 2005). Kuye kuthathe

isikhathi-ke ukuthi ingane ifunde amagama afana nezichasiso nezandiso kanye

nezincazelo zamagama. Ngokufanayo, uVygotsky (1978), ubeka ukuthi ulimi lukhula

kumntwana ngokuthi ahlale nabantu abadala abalwaziyo, bamgqugquzele, bamkhuthaze

futhi bamelekelele ekufundeni lolo limi (Vygotsky, 1978, 1987,1993; Sulzby, 1986).

Ngokwejwayelekile, ama-constructivists akholelwa ekutheni abantwana bafunda ulimi

ngokulandela imigomo yolimi, okuyinto abazalwa benayo. Ngale ndlela, le ngxoxo

ikhombisa ngokusobala ukuthi ukufunda ulimi kungeke kwaba yinto ongayichaza nje

umnqamlajuqu futhi eyisimbelambela. Ziningi izindlela zokuchaza ukuthi umuntu

ulufunda kanjani ulimi. Ngakho-ke lokhu kuchaza ukuthi asikho isimo kumbe into

okungathi uma uyichaza, kube yiyona ndlela kuphela yokuyichaza, kodwa konke kuncike

ekutheni into oyichazayo uyibuka ngaliphi iso. Kanjalo nokufundisa ukufunda

okubhaliwe, kungeze kwaba yinto engachazwa nje ngendlela eyodwa. Kusho khona-ke

ukuthi kuya ngokuthi lapho ukufunda okubhaliwe kuchazwa, kungabe kwenzeka

122

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!