26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

You also want an ePaper? Increase the reach of your titles

YUMPU automatically turns print PDFs into web optimized ePapers that Google loves.

zokufunda okubhaliwe kumbe angaphezu kwelilodwa ngokuhlanganyela, okungabe

kungahambanga kahle.

Ngamanye amazwi kusho ukuthi kungaba ukuthi umntwana kukhona elinye lala

makhono angalizuzanga ngokwanele (McGuinness, 2004, p. 212). Ngokunjalo futhi,

ukufunda ngokuqondisisa kunomthelela nasekufundeni lana amanye amakhono amane.

Lokhu kungachaza ukuthi lapho othisha kungathiwa abachaze bona ngokwabo ukuthi

kuyini ukufunda, bangakuchaza njengokuthi kulapho umfundi akha umqondo

ngombhalo awufundayo elekelelwa nawulwazi avele enalo, asake waluthola

phambilini, kanye nasake ahlangabezana nakho empilweni (Pardo, 2004, p. 272).

Ngenxa yalokhu, kuyacaca ukuthi ukukwazi ukufunda okubhaliwe ngendlela eyiyo

yiwona mgogodla ekuphumeleleni komfundi endleleni yakhe eya emfundweni

ephakeme nasempumelelweni yakusasa. Ngamanye amazwi ukukwazi ukufunda

okubhaliwe yikhona okuyisango lawo wonke umuntu ofundayo noya empumelelweni

(Pandor, 2005; Machet & Pretorius, 2004; Cheng, 2003; Zimmermann & Hutchins,

2003; Mokatsi, 2005; Grabe, 2002). Bonke laba bacwaningi bavumelana ngazwi linye

lokuthi ukufunda okubhaliwe yikhona okuvulela yonke iminyango yempilo. Bakusho

lokhu ngoba ukuze ukwazi ukufunda (to learn) iZibalo, iSayensi, ezoMlando,

ubuNjiniyela, ubuKhenikha, njalonjalo, kuncike ekutheni ukwazi ukufunda okubhaliwe

futhi okufundayo ukuqonde (Zimmermann & Hutchins, 2003, p. 4).

4.10 UBUDLELWANE PHAKATHI KOLWAZI LOKUFUNDA NOKUBHALA

KANYE NOKUFUNDA OKUBHALIWE (RELATIONSHIP BETWEEN

LITERACY AND READING)

Kusemqoka ukugcizelela ukuthi ukufunda okubhaliwe kubalulekile ekuthuthukiseni

ekukwazini ukufunda nokubhala, okuyinto esemqoka emfundweni yomntwana. Kanti

futhi ukufunda okubhaliwe okungahambisani nokubhala kungezwakala

njengensambatheka ngoba lokho umntwana akufundayo kusuke kubhalwe phansi.

Isibonelo, ingani yikho lokhu kufunda okubhaliwe ingane ezokudinga ukuze ikwazi

ukuphendula iphepha lemibuzo yokuhlolwa, kumele ibhale ephepheni lezimpendulo,

147

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!