26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

You also want an ePaper? Increase the reach of your titles

YUMPU automatically turns print PDFs into web optimized ePapers that Google loves.

Ngaphandle kolwazi abafundi abavele benalo lapho befunda okubhaliwe okusiza

ukuthuthuka kwabo ekufundeni okubhaliwe ngokuqondisisa, ucwaningo olwenziwa

kothisha baseMelika olwaluhlola ukuthi babenamaphi amakhono okufundisa ukufunda

okubhaliwe; othisha abangama-76 basezikoleni eziyi-15 zamabanga aphakeme babuzwa

ukuthi yiziphi izinto/izingxenye kumbe amakhono abacabanga ukuthi yiwona asemqoka

lapho uthisha efundisa ingane ukufunda okubhaliwe. Izimpendulo zaveza ukuthi othisha

babekholwa ukuthi ukufundiswa kwemibhalo/imibhalo yobuciko (literature) kanye

nokufunda ngokuqondisisa yizona zinto ezisemqoka okufanele uthisha agxile kuzo lapho

efundisa ukufunda okubhaliwe. Lokhu kusiza abantwana nangokuthi bakwazi ukufunda

ngehlo elihlolayo (USA Department of Education, 2006). Lezi zimpendulo zazingenele

ekuvezeni isithombe esicacile ngokuthi othisha bayaqonda kahle ukuthi kusho ukuthini

ukufundisa ingane ukufunda umbhalo. Lokhu kuyahambisana nokwatholakala kothisha

okwakucwaningwa ngabo kulolu cwaningo.

Ngale kwalokhu, ucwaningo olwenziwa nguWoolley ngonyaka wezi-2005 e-Australia

lukhomba ukuthi bangamaphesenti ayi-10 kuya kwangama-20 abafundi basezikoleni

zase-Australia abanezinkinga zokufunda okubhaliwe. Lolu cwaningo luveza ukuthi

nakuba zikhona izindlela zokufundisa ukufunda okubhaliwe ezithathwa njengezilusizo

futhi okuyizona ezilungileyo, kodwa iningi lwalezo zindlela othisha abazisebenzisi

emakilasini lapho befundisa ukufunda okubhaliwe. UWoolley ubika ukuthi

bangamaphesenti angama-30 kuphela abafundi eminyakeni wesi-3 nowesi-5 ezikoleni

(ibanga 3 nebanga 5) abehlulekayo ukufunda nokubhala ezikoleni zase-Australia.

NaseMelika, imiphumela efanayo yatholakala (Reid, 2003; Louden et al, 2000). Lokhu

kufakazela khona ukuthi nasemazweni athuthukile njengayo iMelika nako-Australia,

ikhona inkinga yamazinga aphansi okufunda okubhaliwe, njengoba naseNingizimu

Afrika kuseyinselelo enkulu ukuthuthukiswa kwamazinga okufunda okubhaliwe

kubafundi kuze kube manje.

Ngaphandle kwalolu cwaningo, lukhona nolwenziwa nguDroop benoVerhoeven (2003)

eNetherlands. Lolu cwaningo lwaluhlose ukuhlola izinga lomfundi lokufunda okubhaliwe

kanye namakhono anawo okufunda okubhaliwe kubantwana abasafufusa ekufundeni

50

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!