26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

You also want an ePaper? Increase the reach of your titles

YUMPU automatically turns print PDFs into web optimized ePapers that Google loves.

7.2.1 OKUFUNDISWAYO: UKUFUNDISWA KWEMISINDO; UKWAKHA,

UKUHLONZA,

NEZINDABA

NOKUCHAZA AMAGAMA; UKUFUNDISA IMISHO KANYE

Ngizoqale ngiveze isendlalelo ngale ndikimba, bese ngixoxa ngokwenzeka esikoleni

iMbalenhle. Emva kwalokho ngizoxoxa ngokwenzeka esikoleni iGolide kuyo le

ndikimba, bese ngiqhubekela kwezinye izindikimba, lapho ngizobe sengididiyela

okwenzeka ezikoleni zombili futhi kuwo omabili amabanga acwaningwayo. Njengoba

ngichazile esingenisweni, isizathu salokhu ukuthi wawungekho umehluko otheni

kwezinye izindikimba. Kodwa-ke lapho kwakuvela khona umehluko, ngizocacisa.

Othisha okuzogxilwa kubo uthisha uZandile waseMbalenhle kanye nothisha uJabu

waseGolide.

7.2.1.1 ISENDLALELO

Ebangeni lesithathu esikoleni iMbalenhle, babebabili othisha ababeyingxenye

yocwaningo ebangeni lesithathu. Kodwa umcwaningi ukhethe ukuhlaziya okwakwenziwa

nguthisha oyedwa ukukhombisa okwenzekayo kuleli banga, nakuba ezochaza lapho

kwakuba nomehluko ekwenzeni kwalaba othisha uma kunesidingo. Isizathu ukuthi nabo

othisha bebanga lesithathu babenza okusondelene kakhulu, ngenxa yokuthi babexoxisana

ngomsebenzi ababezowenza ngaphambi kokuba bafundise. Uthisha okuzohlaziywa

akwenzayo lapho efundisa ukufunda okubhaliwe ukhethwe ngoba waba nezifundo

zesonto lonke, kanti omunye waba nezine njengoba engabanga bikho ngolunye usuku.

Lokhu ngikwenza ukuze kungalahleki isithombe sokwenzekayo, njengoba othisha

babechazile ukuthi umsebenzi bawuhlela wenabe nesonto lonke lapho befundisa

ukufunda okubhaliwe. Ngaleyo ndlela-ke isithombe engisivezayo esokwenzeka usuku

nosuku kule ndikimba. Yingakho nje ngizothatha uthisha kusukela ngoMsombuluko kuze

kushaye uLwesihlanu, bese ngibuye ngithatha owasesikoleni iGolide. Lokhu

kuzokwenzeka kule ndikimba kuphela, njengoba ngichazile ngenhla.

231

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!