26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

Create successful ePaper yourself

Turn your PDF publications into a flip-book with our unique Google optimized e-Paper software.

T: (Ubeka isithombe sengwenya ebhodini esidwetshiwe). Ake nibheke laphaya ebhodini,

yini le eniyibonayo? Uhlale phansi uma uphakamisa ungasukumi! Ake sizwe ukuthi

uzothi ubonani, yes ( ekhomba umfundi ukuba aphendule).

L: Isibankwa.

T: Hawu! Uthi ubona isibankwa, ake sizwe omunye ukuthi uthini, ngoba engathi kukhona

okunye abakubonayo.

L1: Yintulo.

T: Cha akusiyo intulo, angathini omunye?

L2: Unwabu.

T: Hawu! Nisho ukuthi aniboni ukuthi yini?

T: Uthini omunye, nicabanga ukuthi yini?

L3: Ingwenya.

T: Good.

T: Kukhona oyaziyo ingwenya?

L: Yes teacher.

T: Ihlala kuphi?

L:Emanzini.

T: Idlani?

L: Idla abantu.

T: Njengoba iyaye ihlale emanzini nje basuke bekuphi abantu?

T: Omunye angathi idla ini?

L2: Idla ofishi.

T: Yes, idla ofishi phela ngoba nabo bahlala emanzini, nani futhi enye?

L3:Idla nezilwane ezihlala emanzini.

T: Yebo idla nezilwane ezisuke zithi ziyoziphuzela amanzi, yona bese ibona inyama. Uma

isisuthi ayidli lutho. Ayifani nabantu bona abadla noma sebesuthi...

Kule nkulumo-mpendulwano kuyacaca ukuthi njengasebangeni lesibili, othisha bafundisa

imisindo, njengoba bafunda umsindo u ‘ngw’ lona abamnamathelisa negama lengwenya.

Uma bewuchaza bathi wakhiwe umsindo wenunu (n) nomsindo kagogo (g) nomsindo

wewele (w). Uthisha wabuye wabeka esinye isithombe ebhodini. Lesi sasinengwenya,

indoda eyayibhalwe ukuthi uNgwenya, kukhona isango. Ngaleli sango uthisha

wayenzela ukuba athi uma ebabuza ukuthi ikuphi ingidi eyayilenga, abafundi baphendule

bathi isesangweni. Lokhu kwakuzokwenza ukuba ubonakale umsindo ka ngw,

owawungebonakale uma igama lalisebenza njengebizo ‘isango’. Lo mfanekiso

wengwenya nendoda enguNgwenya, uthisha waxoxa ngawo nabafundi, kwacaca ukuthi

ingwenya yisilwane, kodwa umuntu uNgwenya, futhi isibongo sakhe sibhalwa siqaliswe

ngosonhlamvukazi u-N. Kanti-ke negama isango elabe lisesithombeni lalifakwe ngoba

linawo lo msindo ka ‘ngw’ uma lisho indawo. Lokhu kukhombisa ukuthi othisha bagxila

emisindweni, ekwakhiweni kwamagama, nasekuchazeni amagama

233

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!