26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

You also want an ePaper? Increase the reach of your titles

YUMPU automatically turns print PDFs into web optimized ePapers that Google loves.

kumaphephabhuku kumbe ezisendabeni efundwayo. Othisha bathi baye balekelele

ngokudweba izithombe ebhodini ngoshoki. Izithombe lezo zisuke zihambisana nomsindo

okuyiwona wethulwe ngosuku lokuqala lweviki, uMsombuluko. Lokhu kusho ukuthi

isithombe kuba ngumfanekiso wento enegama elinalowo msindo okugxilwe kuwo

ngalelo viki. Kwesinye isikhathi uthisha uyaye alungise isithombe esikhulu esiheha

ilukuluku lokufunda kubafundi. Lesi sithombe othisha basibiza ngokuthi yi-giant picture.

Kuye kube yizithombe ezinemibala lapho zisencwadini kumbe eshadini. Lapho uthisha

edwebe isithombe ebhodini, siyaye sicace, izingane zingabe sezidideka zihluleke

ukubona ukuthi sithombe sini asidwebile. Lokhu kuyahambisana nokushiwo abacwaningi

abaningi (Street, 1997; Teacher’s Handbook for Teaching Reading in the Early Grades,

2008), abafakazela ukuthi umfundi obizwa ngokuthi umfundi osafufusa, ngumuntu

owenza lokhu: osebenzisa izithombe ukuxoxa izindaba, owazi eminye yemisindo, kanye

nezinhlamvu ezakha leyo misindo.

Othisha bayakuveza ukuthi nakuba bengasebenzisa izithombe lezo ezinkulu abazibiza

ngama giant pictures, akuvami ukuba kube yisithombe okuzothi lapho bexoxa ngaso

kube yisithombe sento enegama elinemisindo abangakafundi ngayo. Lokhu kusiza

ekutheni bakhumbule umsindo asebewufundile njengoba isikhathi esiningi lolu hlobo

lwezithombe lusebenza lapho imisindo eminingi sebeyifundile, okuyinto evama

ukwenzeka ngesigaba sesibili sonyaka (emva kwamaholidi asebusika angoNtulikazi),

lapho imisindo asebeyifundile isingumthanyana, kungafani nesigaba sokuqala sonyaka

lapho isuke isembalwa imisindo abasuke besayifundile. Othisha bathi isizathu salokhu

ukuthi othisha abafundisi ngesivinini esikhulu bajahe ukuqeda uhlelo lomsebenzi

wonyaka, kodwa bayabacathulisa abantwana ngokubafundisa imisindo ngoba

basebancane: Uthisha uMbali ubeka kanjena lapho ecacisa ngalo mbiko:

Ake ngithi nje kwa-Grade 1 njengoba basuke befunda kakhulu imisindo

yonkamisa nongwaqa abahamba ngawodwa, kufanele isithombe leso kube

ngabazokwazi ukuxoxa ngaso, kube yisithombe esizobenza bakhulume

ngamagama anemisindo asebeke bayifunda. Khona kuye kube ngcono uma

ukwenza lokhu nge-quarter yesibili hhayi yokuqala, ngoba nge-quarter

yesibili kusuke sebefunde kakhudlwana, imisindo isingumthanyana.

Njengokuthi nje uma wazi ukuthi usuwufundisile umsindo ka ‘t’, ungakha

ngisho imisho ngamagama: utamatisi,utamatisi kamama, Utamatisi uwile,

163

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!