26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

Create successful ePaper yourself

Turn your PDF publications into a flip-book with our unique Google optimized e-Paper software.

8.4 UKUZENYEZA KOTHISHA NGOLIMI LWESIZULU

Abakushoyo nabakwenzayo othisha kukhombisa ukuthi abasithandi kahle isiZulu,

basifundisa ngoba bephoqwa yisimo. Kusobala ukuthi ukuba othisha kuya ngabo ngabe

bafundisa isiNgisi. Othisha babeka ukuthi baxuba isiZulu nesiNgisi lapho befundisa

ngoba isiZulu sisodwa ‘silukhuni’. Kanti bathi basebenzisa isiNgisi ngokusintshontsha

lapho befundisa ngoba yinto abayijwayele nasenkulumweni eyejwayelekile ukufaka

isiNgisi. Lokhu bathi bakwenza ngesizathu sokuthi isiZulu ‘siyinkinga’ uma

besisebenzisa bengasixubi nesiNgisi. Kanti okwaqapheleka ukuthi nazo izingane

ziyasisebenzisa isiNgisi lapho zikhuluma nothisha emakilasini. Lokhu kwenziwa ukuthi

izingane zibukela kubo othisha njengoba nabo bekwenza lokhu. Lesi sizathu asizwakali

kahle ukuthi uthisha angathi ulimi lwesiZulu, naye kululimi lwakhe lwebele, athi

luyinkinga. Lokhu kuveza umqondo wokuthi nakuba benikeza izizathu ngokusebenzisa

isiNgisi ekufundiseni ukufunda nokubhala, kodwa abangakusho, nokuyisona sizathu

esicacayo ukuthi othisha bayazenyeza ngalolu limi, futhi abaluthandi.Uthisha uZanele

wathi:

...isiZulu yisona esiyinkinga kakhulu. Ngikusho lokhu ngoba ngiye ngibone

isiNgisi besifunda kangcono kunesiZulu. Angazi yini edala lokhu noma

yingenxa yezinhlelo zikamabonakude nezomsakazo ekhaya, angazi. Khona

ikhona impela inkinga ngokufundisa ulimi lwesiZulu. Enye yezinto edala

lokhu ukuthi izingane azilitholi ithuba lokukhuluma isiZulu ngoba

nasemakhaya abazali bakhuluma isiZulu esingamukelekile. Ngiyacabanga

kunenkinga enkulu ngathi bantu abamnyama.Isibonelo nje, uma ingane

ikhuluma okungesikho ngesiZulu siyathula asiyilungisi kodwa uma ibheda

isiNgisi siyayilungisa.

Njengoba ngichazile ngenhla, nakuba othisha bebeka ukuthi isiZulu ‘siyinkinga’, kodwa

okuyilona phuzu elisemqoka abangalibeki ngokusobala ukuthi bayazenyeza ngolimi

lwabo abalufundisayo lwesiZulu. Ngamanye amazwi ukuthi isiZulu siyinkinga

kubonakala kuyindlela yokungaphumeli obala ngomuzwa abanawo wokwenyanya ulimi

lwabo. Abakushoyo nabakwenzayo lapho befundisa ukufunda okubhaliwe

kuyakufakazela lokhu. Isibonelo, izinsiza ezingamashadi abhalwe ngesiNgisi

ezindongeni, izincwadi zesiNgisi eziningi emtatsheni wolwazi, nokunye. Lapho

bekuhlobisa lokhu bathi bakwenza ngenxa yesikhathi okuphilwa kuso namuhla, lapho

292

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!