26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

Create successful ePaper yourself

Turn your PDF publications into a flip-book with our unique Google optimized e-Paper software.

Lo mfundi owayenza lo msebenzi, kuyacaca ukuthi akukho kuthuthuka okwenzekayo

kuye ekufundeni okubhaliwe. Kuyacaca ukuthi akaqondi ukuthi yini okwakumele ayenze

lapha, futhi kungani kumele akhethe igama elithile. Kanti futhi kuyacaca ukuthi nakuwo

lo msebenzi uthisha wayegxile khona emsindweni ka ‘ph’, futhi izithombe

zazisetshenziswa ukulekelela abafundi ukuba bathole impendulo. Kuyamangalisa ukuthi

nakuba imisindo ifundwa kakhulu kuleli banga, kodwa abanye abafundi akukhombisi

ukuthi bayafundiswa ukufunda okubhaliwe. Kanti nalabo abatholakala bewathola

amagama futhi bewabhala kahle ngendlela eyiyo, kodwa ukuthuthuka kwabo ekufundeni

kubhaliwe kuhamba kancane. Lokhu kufakazelwa nawukufundiswa kuphindwaphindwa

onkamisa nemisindo esivele isifundiwe kube sengathi iyaqala ukufundwa. Ngale ndlela

kuyacaca ukuthi abanye abafundi babengakakwazi ukubhala amagama akhulumayo yize

sebesonyakeni wesibili besesikoleni.

6.2.1.2.5 NGOLWESIHLANU

Ngosuku lokugcina lweviki uLwesihlanu, kwacaca ukuthi okuyiyona njongo yosuku

yothisha ukuba babhalise abafundi isibizelo esinamagama analo msindo obekugxilwe

kuwo isonto lonke. Ngokothisha, isibizelo yiyona ndlela abahlola ngayo abantwana

ukufunda okubhaliwe, njengoba babeshilo ngesikhathi sezingxoxo. Lokhu kuyamangalisa

ukuthi kungani ukufunda okubhaliwe kuhlolwa ngokubhala isibizelo, kodwa abafundi

bengahlolwa ngokuthuthuka kwabo ekufundeni umbhalo ngokwamazinga abo ehlukene.

Amagama esibizelo bawanikwa ngoMsombuluko iviki liqala ukuze bawafunde ekhaya

balekelelwe ngabazali. Ngaphambi kokuthi babhale isibizelo uthisha uMbali wababiza

ukuba beze eduze kwebhodi, emva kokuba ebabingelele njengenhlalayenza lapho ezoqala

isifundo sakhe sokufundisa ukufunda okubhaliwe.

T: Good morning class

L: Good morning teacher

T: Wozani ngaphambili nonke nizofunda amagama.

Le nkulumo-mpendulwano emfushane ikhombisa ukuthi akukho okunye uthisha

akushoyo emva kokuba ebabingelele ngaphandle kokuthi ababize beze phambili

ukuzofunda amagama ababezowabhala. Ngamanye amazwi ukufunda nokubhala

208

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!