26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

You also want an ePaper? Increase the reach of your titles

YUMPU automatically turns print PDFs into web optimized ePapers that Google loves.

� Lapho kufundelwa khona (context)

� Ukuhlola abantwana

Othisha abakhethwa ukuba kuhlaziywe abakwenzayo ekilasini babili, uthisha uMbali,

wasesikoleni iMbalenhle, kanye nothisha uJabu wasesikoleni iGolide. Isizathu sokuthi

kube yilaba othisha kuzochazwa ezigabeni ezizolandela.

Ngenxa yokuthi othisha basesikoleni iMbalenhle bebanga lesibili babenza okufanayo

noma okusondelene kakhulu lapho befundisa, umcwaningi wabe esekhetha ukugxila

ekuhlaziyeni ukufundisa kukathisha oyedwa, uthisha uMbali. Lo thisha wakhethwa

ngoba wayenesikhathi eside kunabanye ekufundiseni ibanga lesibili. Kanti futhi nguye

owayeyiNhloko yoMnyango yamakilasi amabanga aphansi. Ngale ndlela, nguyena

owayehola abanye othisha, ebabonisa ngomsebenzi owenziwa ebangeni lesibili. Ngakho-

ke ukuhlaziya ukwenza kukathisha nothisha kuleli banga kwakungabe kusho ukugida

ndawonye. Kodwa-ke, lapho kwakuvela khona okungumehluko ekwenzeni kothisha

lapho befundisa, umcwaningi uyakuveza lokho, uma kunikeza ulwazi olubalulekile.

Kanti esikoleni iGolide, okuningi okwakwenziwa nguthisha webanga lesibili kwakufana

nokwenza kothisha baseMbalenhle, okunye-ke kube nomehluko. Lo mehluko

wabonakala endikimbeni yokuqala ikakhulukazi (Okufundiswayo: Ukufundiswa

kwemisindo, ukwakhiwa kwamagama, izincazelo zamagama, kanye nemisho

emifushane), nakuba nakhona kungesikho ukuthi konke kwakwehlukile. Ngakho-ke

kuzoxoxwa ngokwakwenzeka kuzo zombili lezi zikole ngokwehlukana endikimbeni

yokuqala, kuhlaziywe okwakwenzeka lapho kufundiswa ukufunda okubhaliwe ngothisha

ababili, uthisha uMbali nothisha uJabu, bese kwezinye izindikimba kuhlanganiswa

okwakwenzeka kuzo zombili izikole.

Nokho-ke kuzocaciswa lapho kudingeka khona ukuba kuvele ukuthi into ethile

yayenziwa kusiphi isikole futhi ngubani. Lokhu akuzukwenzeka ngendlela yokuthi

kuyaqhathaniswa okwenzeka esikoleni iMbalenhle nokwakwenzeka esikoleni iGolide.

Isizathu salokhu ukuthi phela inhloso yocwaningo kwakungekhona ukuqhathanisa

191

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!