26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

You also want an ePaper? Increase the reach of your titles

YUMPU automatically turns print PDFs into web optimized ePapers that Google loves.

1.14 INHLOSO YOCWANINGO NALAPHO LUGXILE KHONA

Lolu cwaningo lugxile ekufundisweni kokufunda okubhaliwe emakilasini esiZulu ulimi

lwasekhaya emabangeni aphansi, okuyibanga lesibili nelesithathu. Lokhu kungenxa

yokuthi ucwaningo luhlose ukuveza ukuthi othisha bamabanga aphansi abafundisa

isiZulu njengolimi lwasekhaya bakufundisa kanjani ukufunda okubhaliwe/umbhalo.

Lokhu kuhlanganisa abakushoyo nabakwenzayo othisha ngezindlela zokufundisa, amasu

okufundisa, abakufundisayo, indlela abakuqonda ngayo ukufundisa ukukwazi ukufunda

okubhaliwe, izizathu zokufundisa ngendlela abafundisa ngayo, nokunye.

UPardo (2004) uyachaza ukuthi uma othisha bengake baqonde kahle ukuthi

kukhulunywa ngani lapho kukhulunywa ngokufundisa ukufunda umbhalo;

bangazifundisa kangcono izingane ukuba zifunde ngendlela eyiyo futhi zikuqonde kahle

ezikufundayo. Ngale ndlela kubalulekile ukuba uthisha azi ukuthi zontathu lezi zinto:

ofundayo, umbhalo ofundwayo, kanye nendawo okufundelwa kuyo; ngoba zontathu lezi

zinto zinomthelela ekufundisweni komntwana ukuba athuthuke ekufundeni umbhalo,

futhi afunde ngokuqondisisa lapho efunda (p. 272).

Inhloso yalolu cwaningo ukuhlola ukufundiswa kokufunda okubhaliwe emabangeni

aphansi esiZulu ulimi lwasekhaya, ukuze kuvezwe ukuthi othisha bathini ngokufundisa

ukufunda umbhalo, bakwenza kanjani futhi yikuphi okubenza bafundise ngendlela

abenza ngayo lapho befundisa ukufunda olimini lwasekhaya lwesiZulu. Lokhu

kuzoveza ukuthi hlobo luni lokufundiswa ukufunda umbhalo ingane elutholayo ukuze

ikwazi ukufunda okubhaliwe. Ngale ndlela, kuzovela nanokuthi othisha baqonda kanjani

ngokufundiswa kokufunda umbhalo futhi noma yikuphi abakholelwa kukho lapho

kufundiswa ukufunda okubhaliwe.

1.15 IMIBUZONGQANGI YOCWANINGO

36

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!