26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

You also want an ePaper? Increase the reach of your titles

YUMPU automatically turns print PDFs into web optimized ePapers that Google loves.

ngawo. Ebhodini babhala imisindo abayifundisayo. Eminye imisindo ihlale ikhona

ebhodini ukuze bayisebenzise lapho bakha amagama. Kanti futhi lapho abafundi besuke

befunda beyikilasi, basuke befunda imisindo, amagama kanye nemisho kusebhodini.

Uthisha uZanele uthi:

Ngiyahamba ngiye nabo ebhodini njengekilasi,uma ngifika ebhodini

ngibhale umsindo omusha esizofunda ngawo, ngokujwayelekile lowo

msindo usuke uhambisana nesithombe esinegama elina lo msindo esisuke

sifunda ngawo.Ngiyaye ngibanikeze ithuba lokuthi bacabange,baqagele

ukuthi ingabe lesisithombe esisebhodini esani lokhu kusiza ukuthi bakwazi

ukubona ukuthi imuphi umsindo ozofundwa ngoba phela usuke u fana

nomsindo othile otholakala egameni lesithombe lesi esisuke

sisebhodini.Bayazama ukukutshela ukuthi babonani noma kwesinye isikhathi

kuba nzima ngoba akusithina sonke esikwazi ukudweba,ngakho kuyenzeka

udwebe isithombe esingacacile lokhu kwenza kube nzima ukuthi izingane

zibone ukuthi yini le esebhodini.

Lokhu okushiwo uthisha uZanele, kuyahambisana nokushiwo ngabanye othisha, kanti

kuveza isithombe sokuthi othisha balisebenzisa usuku nosuku ibhodi. Kanti nalapho

uthisha engasebenzisanga ibhodi ukubhalela kulo, ishadi asuke elisebenzisa ulinameka

khona ebhodini ukuze wonke umfundi akwazi ukubona.

5.2.3 IZINDLELA NAMASU OKUFUNDISA UKUFUNDA OKUBHALIWE

5.2.3.1 INDLELA YOKUFUNDISA NGEMISINDO

Ulwazi olwatholakala ngezingxoxo nothisha lwaveza ukuthi lapho befundisa ukufunda

okubhaliwe bayazi ukuthi kunezindlela ezisetshenziswayo zokufundisa ukufunda

okubhaliwe, nakuba baveza ukuthi indlela abayisebenzisayo eyokufundisa ngemisindo

(phonic method), abathi yiyona ndlela abayibona ingcono ekufundiseni ukufunda

okubhaliwe lapho abantwana besacathula. Abanye babeka ukuthi basebenzisa yona le

ndlela yokufundisa imisindo kodwa bese bexuba nezinye.

171

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!