26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

You also want an ePaper? Increase the reach of your titles

YUMPU automatically turns print PDFs into web optimized ePapers that Google loves.

akusiwona amagama angempela ngenxa yezizathu eziqondene nenkambiso elungileyo

yocwaningo, njengoba kwakungafanelekile ngidalule amagama ezikole namagama

othisha ababeyingxenye yocwaningo.

Okunye okuqaphelekayo ngalezi zikole ukuthi esinye (iMbalenhle) sinawo umtapo

omncanyana wezincwadi, kanti eGolide awubonakalanga nomncane. Izinsizakufunda

zokufunda okubhaliwe zolimi lwesiZulu nakuba ziyimbijana kuzo zombili izikole, kodwa

eGolide ziyimbijana kakhulu kunaseMbalenhle. Nokho-ke zombili lezi zikole azicebile

ngokwezimfanelo ezidingeka ekufundiseni abantwana. Njengoba sengichazile

ngobunjalo balezi zikole, kusobala ukuthi kwakungenzeka kube khona umehluko ngisho

nasekufundiseni kothisha, ngenxa yazo njalo izinsizakufundisa zokufunda okubhaliwe

abazisebenzisayo. Lokhu kunikeza isithombe ngokuthi ukufundisa ukufunda okubhaliwe

kuhamba kanjani kulezi zikole, noma ngabe isikole sinazo izinsizakufundisa ngokwanele,

noma ngabe zinganele. Lapho echaza ucwaningo lwesimo uNieuwenhuis (2008, p. 75)

ubeka kanje:

The term case study has multiple meanings. It can be used to describe a unit

of analysis (e.g. a case study of a particular organization) or to describe a

research method. Depending upon the underlying philosophical assumptions

of the researcher, case study research could be positivist, interpretivist or

critical. A case study does not necessarily mean that one site only is studied.

Nakuba ebeka kanje uNieuwenhuis, kulolu cwaningo akusetshenziswanga neyodwa

kulezi zindlela abeka ukuthi zihambisana nocwaningo lwesimo, okuyi-positivist,

interpretivist ne-critical paradigm, njengoba kulolu cwaningo kwakhethwa

ukusetshenziswa kwe-constructivist paradigm. Isizathu salokhu ukuthi i-constructivist

paradigm iyona eyayizovumela umcwaningi ukuba abuke ukuthi ukufundisa ukufunda

okubhaliwe kwenzeka kanjani ekilasini, uthisha ukwenza kanjani, futhi sithombe sini

esakhekayo lapho uthisha efundisa izingane ukufunda okubhaliwe. Okwesibili, lolu

cwaningo lwalungezukubheka nje kuphela isikole esisodwa, kodwa lwaluzobheka izikole

ezimbili zaselokishini laseMlazi lapho isiZulu sifundiswa njengolimi lwasekhaya

emabangeni aphansi; njengoba sengike ngachaza phambilini kuso lesi sahluko.

Ngokunjalo lapho oCohen, noManion benoMorrison (2008, p. 253) bechaza ucwaningo

lwesimo, baluchaza kanje: “A case study is a specific instance that is frequently designed

94

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!