26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

Create successful ePaper yourself

Turn your PDF publications into a flip-book with our unique Google optimized e-Paper software.

T: Umfowabo kababa wakho uye uthi ubani-ke?

L: (Abaphenduli)

T: Ubaba…kungaba ubaba omncane noma ubaba omdala.

T: Ukuqhina…kusho ukuthini lokhu, ukwenzenjani lokho?

T: Ukuluka, ubambe izinwele zibopheke.

Lapho esewachazile amagama uthisha, wabe esegxila ekufundiseni imisho. Kule misho

wayehlose ukuthi izingane zazi ukuthi umusho uqalwa ngosonhlamvukazi,

zisetshenziswa kanjani izimpawu zokubhala, njalonjalo. Lapho eseqedile ukuchaza

amagama nemisho uthisha wabe eseyifunda yena kuqala indaba. Eseqedile ukuyifunda

wabuza abafundi imibuzo ngendaba ayekade eyifunda. Lapho esebabuzile wabe esethi

abayifunde bebonke, wabuye wabahlukanisa ngokwamaqembu ukuthi bayifunde.

Babefunda bagcine lapho kusho khona uthisha, kuqhubeke abanye lapho ebamise khona.

Kula magama uthisha ayewachaza, kuyabonakala ukuthi wayengagxilile emsindweni

owodwa, kodwa amagama anemisindo ehlukene. Emva kwalokho uthisha wanamathisela

imisho ebhodini wathi abayifunde. Nansi imisho eyizibonelo:

7.2.1.3.4 NGOLWESINE

Fig. 25 Imisho eyayifundwa

• Uxolo ma, kusho uMaza.

• Ngicela imali bandla.

• Ngicela ukuyoqhina izinwele.

• UMaMtolo unina wavele wangamnaka.

• Ngiyacela mama wami omuhle.

• Unina wamshaya indiva.

• Unina wacasuka. Bama babukana.

Ngosuku lwangoLwesine uthisha wabakhumbuza indaba ababekade bexoxa ngayo

ngayizolo wababuza imibuzo ngayo. Eseqedile wakhipha amagama asikiwe, igama

wayeliphakamisa ukuze abafundi balifunde. Yahamba kanjena inkulumo-mpendulwano:

T: OK, sesiqala-ke isifundo sethu esisha, konje izolo sifunde ngani bangani?

L: Sifunde ngoMaza.

T: UMaza nobani?

253

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!