26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

Create successful ePaper yourself

Turn your PDF publications into a flip-book with our unique Google optimized e-Paper software.

uNtombifuthi waphendula kanje ngenkathi ebuzwa ngokuthi kuyini ukufundisa ukufunda

okubhaliwe ngokuqonda kwakhe, futhi kwenzeka kanjani:

Ukufundisa i-reading nje mina ngingasho ngithi ebangeni lesithathu ngiqala

ngibafundise umsindo othile, ngithi abangiphe amagama analo msindo

engiwethulile. Nakuba siye sibaqalise ngemisindo ehamba ngamibili, sigxila

kakhulu kwehamba ngamithathu. Lokhu sikwenzela ukubakhumbuza nje

njengoba ebangeni lesibili bagxila kakhulu emisindweni enohlamvu olulodwa

nonezinhlamvu ezimbili. Amagama abangipha wona ngiwabhala ebhodini.

Senza imisho, ngigxile kakhulu ekutheni umusho ubhalwa kanjani. Isibonelo;

siqala ngosonhlamvukazi, bese ngibhala indaba esizoyifunda ekilasini. Le

ndaba kumele ibe namagama analo msindo omusha engibafundisa wona.

Uthisha uZandile yena uchaza kanjena enkulumweni yakhe ecashuniwe lapha echaza

ngalokhu kuhleleka komsebenzi ofundwayo:

Ngamafuphi nje ngingasho ukuthi kwa-Grade 3 siqala emisindweni, kuye

emagameni, kuye emishweni...

Kubo bonke othisha, bebanga lesibili nelesithathu, kuyakhombisa ukuthi ulwazi

lwemisindo, ukwakhiwa kwemisho kanye nokufunda indaba enamagama anomsindo

okugxilwe kuwo yiyona nto esemqoka lapho kufundiswa ukufunda okubhaliwe.

5.2.2 UKUSETSHENZISWA KWEZINSIZAKUFUNDISA ZOKUFUNDA

OKUBHALIWE

Noma yimuphi uthisha lapho efundisa, kuye kudingeke ukuba asebenzise

izinsizakufundisa. Ziyehlukana izinsizakufundisa, kuye ngokuthi uthisha

uzisebenzisela siphi isizathu. Ngezansi izinhlobo zezinsizakufundisa othisha abathi

bayazisebenzisa lapho befundisa ukufunda okubhaliwe.

5.2.2.1 IZITHOMBE

Olwazini olwatholakala ngezingxoxo nothisha, kwavela ukuthi izithombe

ziyasetshenziswa kakhulu lapho kufundiswa ukufunda okubhaliwe. Izithombe othisha

abazisebenzisayo kuba ngezidwetshwe ngesandla, kube yilezo ezithengiwe, ezisikwe

162

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!