26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

Create successful ePaper yourself

Turn your PDF publications into a flip-book with our unique Google optimized e-Paper software.

8.2 UKUBAMBELELA EZINKOLELWENI NGOKUFUNDISA UKUFUNDA

OKUBHALIWE

Lolu cwaningo luveza ukuthi izinkolelo ngezinye zezizathu ezenza othisha babambelele

ekufundiseni okubhaliwe ngendlela ababefundiswa ngayo bona beseyizingane

besemabangeni aphansi, ngendlela ababeqeqeshwa ngayo emakolishi nasemanyuvesi,

kanye nalezo asebezisebenzise isikhathi eside. Ngale kwezindlela abazisebenzisayo,

indlela abakuqonda ngayo ukufundisa ukufunda okubhaliwe nakho kungenxa yezinkolelo

abanazo ngokufundisa ukufunda okubhaliwe. Lezi zinkolelo zenza ukuthi kungabi lula

ukuthi baguquke noma ikanjani kuzo ngenxa yokuthi babambelele kuzo. Lezi zinkolelo

zinomthelela ekuqondeni kwabo ngokufunda okubhaliwe, ezindleleni nasemaswini

abawasebenzisayo, indlela abahlela ngayo umsebenzi wabo, kanye nendlela abahlola

ngayo izingane amakhono okufunda okubhaliwe. Lokhu kwatholakala ngokuhlaziya

abakushoyo nabakwenzayo othisha mayelana nokufundisa ukufunda okubhaliwe

ngesikhathi umcwaningi eqoqa ulwazi kulezi zikole ezimbili ezaziyingxenye

yocwaningo, iMbalenhle neGolide.

Ucwaningo oluvele lukhona luyafakaza ukuthi izinkolelo othisha abanazo

ngabakufundisayo zinomthelela kwabakwenzayo ekilasini, okungahlanganisa izindlela

namasu okufundisa, izinjulalwazi abazisebenzisayo, indlela abahlela ngayo umsebenzi

wabo, nokunye (Pajares, 1992; William & Burden, 1997; Farrell, 2005, Chou, 2008;

Nkosi, 2010; Nkosi & Mbatha, 2009). Lokhu kuveza umqondo wokuthi uma lezo

zinkolelo kungezilusizo, ziba nomthelela omuhle kwabakwenzayo othisha lapho

befundisa izingane. Kanti lapho lezo zinkolelo zingenalusizo, zingadala inkinga ekutheni

kuthi nalapho sekukhona isidingo sokuthi basuke kuzo, kodwa kube lukhuni

ukwenzenjalo. UPardo (2004) uqinisekisa ukuthi lapho othisha bekuqonda kahle okumele

kwenzeke lapho befundisa ukufunda okubhaliwe, bangazifundisa kahle kakhulu izingane

ukuba zikwazi ukubhala nokufunda okubhaliwe (p. 272).

Njengoba ngivezile ngenhla, kulolu cwaningo kuyavela ukuthi ngenxa yezinkolelo

ezingumphumela woqeqesho abaluthola emakolishi nasemanyuvesi, othisha bafundisa

274

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!