26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

Create successful ePaper yourself

Turn your PDF publications into a flip-book with our unique Google optimized e-Paper software.

2.4.7. I-BALANCED APPROACH

UJoubert nabanye (2008, p. 94) babeka ukuthi le ndlela kumele kugcizelelwe ukuthi

ayiyona indlela yokufundisa ukufunda okubhaliwe, kodwa ingamalungiselelo kumbe

isendlalelo sokufundisa ukufunda okubhaliwe. Imbandakanya izindlela ezahlukene

zokufundisa ukufunda okubhaliwe, amasu okufundisa okubhaliwe, kuye ngokwenza

kwengane nengane. UStoicheva (1999) ubeka ukuthi i-balanced approach isho

ukuhlanganisa i-Whole Language Approach nendlela yokufundisa ngemisindo (phonic

approach). Abantwana bangeke bakwazi ukufunda okubhaliwe ngaphandle kokuba

baqonde imisindo. Abantwana kumele bazi imisindo nezimelamsindo ezibhalwe phansi

ukuze bakwazi ukufunda kahle.

Okuyiyona nto esemqoka ekufundiseni abantwana abancane ukufunda okubhaliwe,

ukufundisa imisindo ngokuthi isetshenziswe embhalweni kunokuba ifundiswe ngayodwa,

ukuze abantwana bakwazi ukwakha ubudlelwane phakathi kwezimelamsindo, imisindo

kanye nomqondo oqukethwe amagama. UMnyango weMfundo uyakukhuthaza

ukusetshenziswa kwendlela ye-balanced approach. Njengoba ngike ngachaza

phambilini, le ndlela ihlanganisa izindlela eziningi zokufundisa, amasu okufundisa, kuye

ngokwesidingo sengane kanye nendlela eyenza ngayo ekufundeni. UFarris nabanye

(2004) bechaza i-balanced approach kanje:

A decision-making approach through which a teacher makes thoughtful

decisions each day about the best way to help each child to become a better

reader and writer. A balanced approach requires and enables a teacher to

reflect on what he or she is doing and to modify instruction daily based on

the needs of each individual learner. The modifications are drawn from a

broad repertoire of strategies and sound understanding of children, learning

and the theoretical bases of these strategies.

Ngala mazwi acashunwe ngenhla, kusobala ukuthi kusemqoka ukuba uthisha abe

namakhono amasha usuku nosuku, aqinisekise ukuthi abafundi bakhe bathola

okubafanele, bafunda okudinga bakufunde, nokuhambisana nezidingo zabo ezahlukene.

77

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!