26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

Create successful ePaper yourself

Turn your PDF publications into a flip-book with our unique Google optimized e-Paper software.

T: Funda.

L6: Izindaba ku-TV zaziyisiNgisi.

T: Sonke.

L: (Bayasho).

T: Funda.

Cece: Umndeni wawunesikhathi esimnandi.

T: Wafunda Cece…Sonke.

L: (Bafunda bonke).

T: Funda.

L7: Umndeni uqhumise uhleko.

T: Uphakamisa umusho…abafundi bayaphakamisa…..Thando.

Thando: Mama kuthiwani? Bahlekani?

T: Sesishaya owokugcina... uphakamisa umusho…Sakhi?

Sakhi: Awu! kuyinto embi ukungasazi isiNgisi.

Kule misho engenhla, kuyabonakala ukuthi uthisha wayebheka izinhlobo zemisho

ezehlukene, eminye iyimibuzo, eminye kuyimisho eyizitatimende. Le misho yonke

yayimifushane. Lapho eseqedile uthisha waxoxela abafundi indaba eyayikhuluma

ngentombazane uNdumiso owayengasazi isiNgisi ngesikhathi esemncane, ehluleka

ukuzwa ukuthi zithini izindaba ezifundwa kwi-TV zesiNgisi. Indaba ithi ngelinye ilanga

umndeni wakwaDuze wawubuka izindaba. UNdumiso nomndeni babebukela izindaba

ngesikhathi esemncane uNdumiso, engezwa lutho ezindabeni ezazifundwa. Bonke

babehleka endlini kunguye yedwa ongahleki ngoba engasazi isiNgisi. Wehlelwa yizinto

eziningi ayengazithandi uNdumiso ngenxa yokuthi wayengasazi isiNgisi,

njengokuthengelwa izicathulo angazithandi ngenxa yokuthi wayengezwa ngenkathi unina

ekhuluma nomninisitolo ngohlobo lwezicathulo umama wakhe ayemthengela zona, waze

wathengelwa ezingathi ezezalukazi izicathulo ngenxa yokuthi kwavumelana unina

nomdayisi ngazo, uNdumiso engezwa lutho ngenkathi bevumelana. Kanti nangelinye

ilanga unina wamusa kudokotela bavumelana ngokuthi akajove uNdumiso, engezwa

nokuthi bathini ngoba isiNgisi wayengasazi. Nguyena-ke lo Ndumiso owagcina

esekhuluma kahle isiNgisi njengomlungu owagcina esefunda izindaba zesiNgisi kwi-TV.

Ngaleso sikhathi wayesehlala eWestville endaweni yabadla izambane likapondo ngoba

wayesephumelele empliweni (Bheka iseleko se-15 ekhasini lama-381 ngemumva).

256

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!