26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

You also want an ePaper? Increase the reach of your titles

YUMPU automatically turns print PDFs into web optimized ePapers that Google loves.

Kwesinye isikhathi ngiye ngenze samdlalo nje...ngenze umdlalo wamagama.

ngithi nje mhlamope abaqhudelane nngokufunda igama umuntu alitomule

engaliboni ecimezile, uma elifunde kahle athole iphuzu, ngikwenze mhlampe

ngokubaqhathanisa ngokobulili noma ngokuhlala noma ngokwamaqembu...

Lokhu kukhombisa ukuthi uthisha uyazi ukuthi ukufunda kwezingane ezincane kumele

kunothiswe nangoku ba abantwana badlale, ukuze ukufunda bakuzwe kumnandi,

bangakuboni njengento eyesabekayo, elukhuni.

5.2.3.2.3 UKUFUNDELA ABAFUNDI INDABA

Nakuba kungesibo bonke othisha abaveza lokhu ngesikhathi senhlololwazi /sezingxoxo,

ababili kwabayisishiyagalombili othisha baveza ukuthi ukufundela izingane indaba

ezizoyifunda, ngenye yamasu abawasebenzisa ukuze abafundi bamlalele ukuthi ufunda

kanjani, ulisebenzisa kanjani izwi futhi uphimisa kanjani izinhlamvu. Lokhu ukwenza

ngesikhathi bembhekile, bebuka ezabo izindaba ezincwadini zabo bemlalele. Lokhu

kwenza ukuthi bathi lapho sebenikezwa ithuba lokufunda balingise indlela kathisha

yokufunda. Babeka ukuthi izingane ziyavama ukulingisa uthisha wazo, ngakho-ke

kuyasiza ukuthi zimlalele kuqala ngesikhathi efunda zingakafundi zona. Uthisha

uNtombifuthi uchaza kanje:

Kwesinye isikhathi-ke ngiyabaxoxela ukuthi indaba ikhuluma ngani. Emva

kwalokho ngiyifunde mina kuqala, ukuze babone ukuthi mina ngifunda

kanjani, yikhona nabo bezongilingisa lapho sebefunda. Abantwana

bayathanda ukulingisa uthisha wabo, kanti ngiye ngibone kungisiza lokhu

impela. Ngisebenzisa izwi, ngisebenzise ubuso ngihloniphe nezimpawu

zokuloba, njalonjalo. Emva kwalokhu ngiye ngithi abayifunde-ke indaba.

Bafunda bonke kuqala njengekilasi, ngibahole phambili. Uma sesiqedile bese

ngithi abafunde bodwa, ngihambe ngibamisa lapho bengafundanga khona

kahle, kube nemibuzwana futhi engibabuza yona ukuze ngihlole ukuthi

abakalahleki yini. Emva kwalokhu ngiye bese ngibahlukanisa

ngokwamaqembu, bafunde ngokwamaqembu…iqembu neqembu lifunde

isigatshana esithile, hhayi indaba yonke. Lokhu kusiza nasekutheni bangalali,

wonke umuntu aqaphele ngoba uma ngimisa elinye iqembu, abaqhubekayo

kuzofanele bathathe lapho kugcine khona abanye...

176

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!