26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

Create successful ePaper yourself

Turn your PDF publications into a flip-book with our unique Google optimized e-Paper software.

eyabhalwa ngolimi lwesiZulu kwaba yiBhayibheli elalihunyushelwe esiZulwini

elatholakala ngonyaka we-1883 (Ntuli & Makhambeni, 1998).

Ngonyaka we-1901, uJohn Dube (1871-1946), owayengumZulu wakwaZulu-Natal,

waqala isikole sasoHlange (Ohlange High School Institute), okwaba yisikole sokuqala

saboMdabu baseNingizimu Afrika (Zulu Language Overview, 2010; PanAfriL10n, 2007).

Waphinde waba ngumbhali wencwadi ‘Insila KaShaka’, okuyinoveli eyabhalwa ngolimi

lwesiZulu ngonyaka we-1933. Kanti enye yayinesihloko esithi “Isitha Somuntu

Omnyama Nguye Uqobo”, ayibhala ngonyaka we-1922.

Ngale kokuba wulimi olusemqoka kunezinye izilimi zaboMdabu base-Afrika, imithetho

yobandlululo yangaphambi konyaka we-1994 yenza kwangaba lula ukuthuthukiswa

nokusetshenziswa ngokukhululeka kwalolu limi ezikoleni (Kwintessential, 2009;

Ndimande-Hlongwa, 2009). Ibhodi elalibhekele ukusebenza kwezilimi i-Natal Language

Board kwahamba kwahamba lachithwa, esikhundleni salo kwangena ibhodi lezilimi

zonke zaseNingizimu Afrika, i-Pan South African Language Board (PANSALB),

eyasungulwa ngonyaka we-1995, kulandelwa umyalelo womthethosisekelo wezwe

(Ndimande-Hlongwa, 2009, p. 77). Umsebenzi waleli bhodi ngukugqugquzela

ukusetshenziswa kwezilimi eziyishumi nanye ezisemthethweni zaseNingizimu Afrika

(Ndimande-Hlongwa, 2009, p. 77). Leli bhodi labuye labuyekezwa ngonyaka we-1999

kulandelwa umthethosisekelo we-1996, ukuze libhekane nezilimi zonke ezisemthethweni

zaseNingizimu Afrika, ikakhulukazi ezomdabu.

Nakuba lolu limi lufundiswa njengesinye sezifundo ezifundwayo ezikoleni, luphinde

lusetshenziswe njengolimi lokufundisa emabangeni aphansi, ukusukela ebangeni

lokuqala kuze kufike kwelesithathu (DoE, 1997). IsiZulu siyatholakala emisakazweni

esakaza isiZulu nakwamanye amashaneli kamabonakude, lapho nezinye izilimi

zesiNguni zitholakala khona. Ngale kwalokhu, kunamanye amaphephandaba (Ilanga,

Isolezwe, Um-Afrika, ne-Sunday Times) abhalwe ngesiZulu, namaphephabhuku

(njengeBona Magazine) alolu limi. Izilimi zezigodi (dialects) zesiZulu zahlukahlukene,

kuye ngendawo lapho zisetshenziswa khona. Lapha ngingabala isiZulu esikhulunywa

25

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!