26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

Create successful ePaper yourself

Turn your PDF publications into a flip-book with our unique Google optimized e-Paper software.

ukuze kuthi lapho esekhulile, kuthi noma efunda ngezinto ezintsha, abe esewazuzile

amakhono okukwenza lokhu, ngoba-ke ukubhala nokufunda khona ngokwakho, angeke

akuzuza ngokuphelele, njengawo wonke nje umuntu omdala ofunda aze afe. Lokhu-ke

kusho ukuthi umfundi osemncane uyamdinga uthisha ozomelekelela lapho efunda

okubhaliwe noma ebhala njengoba kungebe bikho ukufunda (learning) ngaphandle

kokufunda okubhaliwe (reading) kanye nokubhala.

I-Answers.com (2009) noFelini (2008, p. 21), bathi ulwazi lokubhala nokufunda yisimo

sokuba umuntu akwazi ukufunda nokubhala futhi kuhambisana negama lesiNtaliyana

elithi alfabetizzazione, elisho ukuthi okubhalwe ngezinhlamvu (marked with letters),

nelesiFrentshi elithi alphabetization, neleSipanishi elithi- alfabetizacion, nelesiJalimane

elithi- alphabetisierung. Eminyakeni edlule, umlando waleli gama elithi ‘literacy’

ngokwesiNgisi, lalingenayo le ncazelo, kodwa lalisho umuntu ojwayelene nemibhalo

yobuciko yesiNgisi (familiar with literature) noma kumbe lalingasho futhi ukuthi ofunde

kakhulu noma ofundile (well educated, learned). Kungeminyaka yonyakakhulu we-1900

lapho leli gama labe selishintsha incazelo yalo selisho ukukwazi ukufunda nokubhala

(ability to read and write). Nanamuhla basekhona abanye osozilimi abasenencazelo

eyehlukile kunalena, njengalabo abathi leli gama lisho ukukwazi ukuqonda ubhale futhi

indaba emfushane ngezigameko zemihla ngemihla (Felini, 2008, p. 21).

Kanjalo noFreire (1971) naye waqhamuka nencazelo eyehlukile yaleli gama lapho

ekhuluma ngokusetshenziswa kwalo emiphakathini kanye nangokwepolitiki. Lokhu

kwakungenxa yesimo sabantu abampofu baseBrazil uFreire ayehlala nabo, ebabona

begqilazekile behlushwa. UFreire wahlanganisa la magama: literacy, conscientization,

ne- liberation of the oppressed. Lokhu wayekwenza ukuze axhumane nabantu

ngokwemibhalo. Ngale ndlela abantu baba nolwazi lokufunda nokubhala,

okwakuzobasiza ukuba bathole izincazelo ngezinto ezazenzeka ngaleso sikhathi,

nanokuthi umuntu alazi iqhaza alibambile emphakathini (Felini, 2008, p. 22). UPettinelli

(2009) yena, yize akushoyo ngaleli gama elithi ‘literacy’ kungahlukile encazelweni ethi

ukukwazi ukufunda nokubhala, kodwa yena ubeka ngokuthi igama elithi ‘literacy’ alisho

126

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!