26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

Create successful ePaper yourself

Turn your PDF publications into a flip-book with our unique Google optimized e-Paper software.

Njengoba othisha benayo imithombo yeFoundations for Learning futhi uma becabanga

kuyinto abayiqondayo, kodwa ukwenza kwabo akukhombisi ukuthi bayayiqonda kahle.

Ngikusho lokhu ngoba i-Foundations for Learning lapho ilandelwa kahle, uthisha

okholelwa kwi-social constructivist theory angaba nguthisha ofundisa ngempumelelo

ingane ukuba ibe ngumfundi osezingeni eliphezulu ekufundeni okubhaliwe futhi ingane

ikuthande ukufunda. Lokhu kungabe kusho ukuthi uthisha kumele aqaphelisise ukuthi

ingane iyaluhlanganisa yini ulwazi evele inalo ngombhalo ewufundayo; isifundo sigxile

kuyona ingane efundiswayo; ingane ilibambile ngendlela egculisayo iqhaza layo

ekufundeni kwayo.

Ngaphandle kwalokhu, ngokwe-social constructivist theory kuyacaca ukuthi ingane

ithuthuka ekufundeni kuze ifike esigabeni lapho isikwazi ukufunda ngokuzimela,

ingasadingi ukulekelelwa umuntu omdala (Zone of Proximal Development), okungaba

uthisha ekilasini. Okwatholakalyo ukuthi nanxa kungaba ukuthi bayakholelwa

kulenjulalwazi ngandlela thize, kodwa bona ngokwabo okubalulekile ukuba ingane

ifunde ‘ukubhala kahle amagama ngendlela eyiyo’, ngaleyo ndlela ikwazi ukuzimela,

ikwazi ukuzibhalela ingasizwanga umuntu omdala. Lokhu kungenxa yokuthi othisha

bafundisa ukufunda okubhaliwe, kodwa inhloso yabo kube kuwukubhala. Ngamanye

amazwi bafunda ikhono lokufunda okubhaliwe kodwa umphumela abawulindele kube

ozoziveza ngokubhaliwe, okuyinto emangazayo-ke. Kwabonakala ukuthi kwakungekho

emiqondweni yothisha ukuthi ingane kumele ifunde ngenhloso yokuqondisisa umbhalo.

Kanti futhi ukukwazi ukupela nakuba kungenye yezinto ezifundiswayo kubafundi

abasathuthuka ekufundeni okubhaliwe, akumele kuvimbe ingane ukuba ithuthuke

ngendlela eyiyo yokufunda okubhaliwe.

Isizathu esagqamayo sokuthi kungani othisha bethi uma behlola izingane ukuthi

zithuthuka kanjani ekufundeni okubhaliwe bakwenze lokho ngokuzibhalisa isibizelo

kunokuba bahlole izinga lokufunda okubhaliwe izingane ezikulo, kwatholakala ukuthi

abanalo ulwazi olwanele ngokuthi yini inhloso yokufunda okubhaliwe. Lokhu kuveza

ukuthi ingane engakwazi ukubhala isibizelo ithathwa njengengane ‘ehlulekayo

ukufunda’, okuyinto engahambisani ne-social constructivist theory kanye ne-Foundations

281

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!