26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

Create successful ePaper yourself

Turn your PDF publications into a flip-book with our unique Google optimized e-Paper software.

angamaphesenti angama-21 (Zulu Language Overview, 2010; PanAfriL10n, 2007).

Luyakhulunywa futhi lolu limi nakwamanye amazwe ase-Afrika, anjengaseLesotho,

eZimbabwe naseSwazini.

Njengoba isiZulu, isiXhosa, isiNdebele, kanye nesiSwazi kuyizilimi zabaNguni, lezi

zilimi zinabo ubudlelwano obukhulu. Isibonelo, akulula ukukhuluma nomunye wolunye

ulimi olwehlukile kolwakho ningezwani nhlobo enkulumeni yenu ngenxa yokuthi lezi

zilimi zihlobene. Nalapho omunye ekhuluma ngolunye lwalezi zilimi, akulula ukuba

bangezwani okwempela lapho bekhuluma ngoba lezi zilimi zinamagama amaningi athi

awafane, kanti amanye ayafana, noma-ke ukhona umehluko. IsiZulu selokhu saba khona

kusukela ngeminyaka yonyakakhulu weshumi nane ngemva kokufa kukaJesu (14 century

AD) (Zulu Language Overview, 2010; PanAfriL10n, 2007). Njengawo amaXhosa

afudukela eNingizimu Afrika ngezikhathi zofuduko lwabantu ngezikhathi zezimpi

zakudala, isiZulu sathatha eminingi imisindo yabaThwa namaLawu okuyiwona ayevele

ekhona eNingizimu Afrika, okwakuyibona bantu bokuqala ukuhlala eNingizimu Afrika.

Lokhu kwadala ukuba isiZulu nesiXhosa kube nemisindo ebizwa ngokuthi

ongwaqabathwa, okuyimisindo eyathekelwa ezilimini zabaThwa.

Njengezinye izilimi zabaMnyama, isiZulu naso sasiwulimi olukhulunywayo kuphela,

lwalungabhaliwe phansi. Lokhu kwakwenziwa ukuthi abantu abangamaZulu ngezikhathi

zakudala babebhala ngendlela yabo eyehlukile. Kwaze kwalamula ukufika kwabelungu

ababezoshumayela ivangeli ababeqhamuka eNtshonalanga, e-Europe, okuyibona

abakwazi ukulubhala phansi lolu limi besebenzisa izinhlamvu zesiLathini (Zulu

Language Overview, 2010; PanAfriL10n, 2007). Abanye balabo belungu abenza lo

msebenzi singabala u-J.W. Colenso, u-S.B. Stone, u-H. Callaway, kanye no-L. Grant.

Bafundisa-ke abantu bokuqala, abakwazi ukuhlangana nabo, beshumayela ivangeli

likaNkulunkulu, bebafundisa amakhono ayisisekelo sokubhala isiZulu (Ntuli &

Makhambeni, 1998, p. 100- 135). Incwadi yokuqala eyashicilelwa ngolimi lwesiZulu

yabhalwa eNorway ngonyaka we-1850 ngomunye wabelungu ababefike

njengabazoshumayela ivangeli likaNkulunkulu, uHans Schreuder. Incwadi yesibili

24

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!