26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

You also want an ePaper? Increase the reach of your titles

YUMPU automatically turns print PDFs into web optimized ePapers that Google loves.

Harly, 2006). USolwazi uSolomon Sibiya waseNyuvesi yasePitoli wachaza ukuthi izinga

labangafundile kubantu abaMnyama baseNingizimu Afrika liphezulu kakhulu kanti futhi

lokhu kunomthelela ekuphazamisekeni komnotho wezwe. Lokhu kungenxa yokuthi

ukungakwazi ukufunda kuvimbela abantu abancane nabadala ekubambeni iqhaza

ezintweni eziphathelene nenhlalo yabantu, ezomnotho nezepolitiki (Sibiya, 2005).

Nakuba inkinga yamazinga aphansi okufunda okubhaliwe kuyingqinamba ekhungethe

iNingizimu Afrika yonke, kodwa inkinga enkulu igqama kubafundi abakhuluma izilimi

zabaMnyama, njengaso isiZulu. Abafundi abaMnyama, ikakhulukazi abafunda ezikoleni

okungezabaMnyama bodwa, abatholi ukwesekwa kahle ukuze bathuthuke ekufundeni

nasekubhaleni. Lokhu kusho ukuthi ekhaya nasesikoleni izingane eziningi azilekeleleki

kahle ukuze zikhule ekufundeni umbhalo/okubhaliwe. Isibonelo: ezinye izingane

azinakwa ngabazali bazo ngokuzithengela izinto zokufunda, aziwatholi amaphephandaba

ukuba zifunde, esikoleni azifundi ngendlela yokuthi zifunde umbhalo ngokuwuqondisisa,

kodwa kuba sengathi ukufunda umbhalo kusho ukukwazi ukubhala isibizelo, njalonjalo.

Zimbalwa izingane ezikwaziyo ukuthola ulwazi lokubhaliwe zisesemakhaya,

ikakhulukazi olubhalwe ngesiZulu. Isizathu salokhu ukuthi izinto eziningi izingane

ezihlangana nazo zisencane, ziba yimibhalo yesiNgisi, lokhu okwenza ukuthi zikwazi

kangcono ukufunda isiNgisi kunesiZulu. Lokhu kufakazelwa nayi-Donate a Book (2004)

ebika ukuthi zimbalwa izingane ezikwaziyo ukuthola ulwazi olubhaliwe oluzozisiza

ekuthuthukiseni ikhono lokufunda nokubhala, nezikwaziyo ukulekelelwa yimindeni yazo,

kanti zingaphansi kwengxenye yenani labantu baseNingizimu Afrika ezinenhlahla

yokuba kube khona izincwadi zokufunda emakhaya azo.

1.2 IMIBIKO NOCWANINGO OLUMAYELANA NESIMO SOKUFUNDA

NOKUBHALA ENINGIZIMU AFRIKA

U-Asmal, osewake waba nguNgqongqoshe WezeMfundo, waveza ngonyaka wezi-2001

ukuthi isifundazwe esikhungethwe kakhulu yinkinga yamazinga aphansi okufunda

imibhalo yisifundazwe sakwaZulu-Natal. Waveza ukuthi abantu abakhinyabezwe yilesi

2

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!