26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

You also want an ePaper? Increase the reach of your titles

YUMPU automatically turns print PDFs into web optimized ePapers that Google loves.

4.7.3 UKUFUNDA OKUSAFUFUSA (EMERGENT LITERACY)

Igama elithi ukufunda okusafufusa noma okufufusayo ‘emergent literacy’ lichaza

ukubamba kwengane ekufundeni ukufunda nokubhala (literacy acquisition) kanti futhi

kusho ukuthuthuka ekufundeni kwengane ukufunda nokubhala. Lokhu akusho khona

ukufunda kwengane ekufundeni okubhaliwe nokubhala kuphela, kodwa kuhlanganisa

izinto eziningi ezinomthelela ekutheni ingane ithuthuke ekufundeni ulimi, kanti futhi

izinto ingane ezibonayo, ehlangabezana nazo, nezenziwa ngabantu abadala, iyafunda

ngazo. Ngalesi sikhathi, ingane iqale ifunde ukukhuluma, ukulalela, bese iqala izifunela

yona ngokwayo ulwazi izame ukufunda okubhaliwe, ifunde futhi ibhale, noma ngabe

lokho kungangebe namqondo kangakanani kumuntu omdala kodwa yona isuke ithuthuka

ekufundeni okubhaliwe nasekubhaleni.

Ngakho-ke, njengoba sengike ngachaza phambilini, igama elithi ukufunda okusafufusa

linikeza isithombe sokuthi ingane iqala ukufunda ulimi kudala ngaphambi kokuba iye

esikoleni, ifunde ukufunda nokubhala, ngaphambi kokuba ingene esikoleni, njengoba

kungeyona into eqala lapho ingane ingena esikoleni, kunalokho kuqala masinyane ingane

izelwe futhi yinto eqhubeka njalo, engapheliyo, njengakho ukufunda okucathulayo.

Lokhu kusho ukuthi ingane ifunda kokukhulunywa nokwenziwa ngabantu abadala

abafana nothisha nabazali ekhaya (Zygouris-Coe, 2001, Stahl & Miller, 1989;

McKeough et al, 2006; Joubert et al, 2008; Pretorius, 2002, 2004).

Igama elithi ukufunda okusafufusa, lihlanganisa ukufunda, ukubhala, ukukhuluma,

ukulalela, ukubuka, kanye nokucabanga (Cooper, 1997). U-O’Leary (2005, p. 2) ubeka

ukuthi uthisha okholelwa ekufundeni okusafufusa uqinisekisa ukuthi abantwana bathola

kahle ulwazi lwemisindo nezimelamsindo futhi balalele kahle lapho abantu abadala

bekhuluma ngezihloko ezahlukahlukene ukuze babafake uthando lokufunda kuzwakale.

Uyehluka-ke kwabanye abacwaningi u-O’Leary uma ethi uthisha oyilolu hlobo uyaye

abone ukuthi akukho okufundwayo okungenzeka ngaphandle kwasekilasini (O’Leary,

2005, p. 2), ngoba abanye abacwaningi bayavumelana ngokuthi ukuthuthuka kwengane

ekufundeni okubhaliwe nasekubhaleni, akuqali ekilasini, kodwa kuqala ekhaya, futhi

131

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!