26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

You also want an ePaper? Increase the reach of your titles

YUMPU automatically turns print PDFs into web optimized ePapers that Google loves.

T: Izolo sifunde umsindo omusha okungumsindo u ‘ph’,sithe lo msindo wakhiwa imisindo

emibili okungumsindo wepani(p) nomsindo wehawu(h), bese lokhu kwenza u ‘ph’

T: Ake sizame ukufunda la magama asebhodini anomsindo ka-‘ph’. Asifunde elokuqala

L: iphaphu

T: Asifundeni onkamisa

L: a, e, i, o, u ( unkamisa nonkamisa bawuphinda kabili)

T: Uthisha wabo uyabakhombela futhi ufunda kanye nabo.

L: pha, phe, phi, pho, phu( nalapha baphinda kabili)

T: Asifundeni-ke amagama

L: (Bafunda amagama anomsindo ka ‘ph’ abebewenza izolo.

Okwakwenzeka emva kwalokhu kwakuba ukuthi othisha batshele abafundi ukuba beze

ngaphambili bazofunda amagama abakade bewafunda ngayizolo. Lawo magama ayesuke

evele ekhona ebhodini engacishiwe. Lapho befunda igama negama uthisha

wayebakhombela ngenduku. Lokhu kukhombisa ukuthi uthisha wayebafundisa ulwazi

lokubona/lokuhlonza amagama. Emva kokuba sebelifundile igama negama, babexoxa

ngalo, uthisha abachazele ukuthi liyini lelo gama, ethola nezimpendulo kubo abafundi.

Ngale ndlela ukufundisa izincazelo zamagama yinto othisha ababeyenza lapho befundisa

imisindo ngokuthi bakhe amagama bese bewachaza. Usuku lwangoLwesibili kulapho

kwakuqapheleka khona ukuthi amagama ayekade efundwa ngayizolo ayesebhodini kanye

namanye ambalwa amasha ayesuke enezelelwa kwangawayizolo, ayechazwa kabanzi,

kuxoxwe ngawo futhi. Lokhu othisha babekwenza ukuze kwakheke isithombe esigqamile

ezinganeni ngalawo magama. Isibonelo, ngezansi kucashunwe amazwi enkulumompendulwano

phakathi kukathisha uMbali nabafundi bakhe emva kokuba sebefunde

umsindo ka ‘ph’:

T: Ubani ongangitshela igama elilodwa asalikhumbulayo esilifunde izolo.

L: Uphaya

T: Yebo uphaya, ubani owazi uphaya? Yini uphaya.

L: Uphaya uyadliwa

T: Yes uphaya uyadliwa nami ngiyawuthanda uphaya.

T: Elinye

L: Phephetha

T: Ukwenzenjani ukuphephetha? Yini epheshethwayo?Ake umuntu aphephethe isandla

sakhe .

L : Baphephetha abafundi

T: Naye wathatha iphepha waphephetha

T: Uma ngiphephetha iphepha lenze njani iphepha?

199

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!