26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

You also want an ePaper? Increase the reach of your titles

YUMPU automatically turns print PDFs into web optimized ePapers that Google loves.

2.1 ISINGENISO

Esahlukweni esedlule ngikhulume ngesendlalelo salolu cwaningo, ngachaza ngokuyizona

zizathu ezingenze ngabona isidingo sokwenza lolu cwaningo. Ngixoxile ngocwaningo

nemibiko eyahlukene engifake ugqozi lokwenza ucwaningo lwalolu hlobo. Ngiphinde

ngaveza ukuthi ucwaningo lugxile ekufundisweni kokufunda okubhaliwe (reading)

olimini lwesiZulu njengolimi lwasekhaya emabangeni aphansi, okuyibanga lesibili

nelesithathu. Okunye okudingidiwe imibuzongqangi yocwaningo. Ngibuye ngathinta

nokuphathelene nempilo yami, okuyindlela engafunda ngayo kanye nezimo

ezazingizungezile ngesikhathi ngisesemabangeni aphansi, okungezinye zezinto

ezingifake ugqozi lokwenza lolu cwaningo. Kulesi sahluko kuzobuyekezwa imibhalo.

Lokhu kuzokwenzeka ngokuthi kubhekwe ucwaningo oluphathelene nokufunda

okubhaliwe oseluke lwenziwa eNingizimu Afrika kanye nasemazweni angaphandle.

Lokhu kuzokwenziwa ukuze kuvezwe isithombe esicacile ngesidingo salolu cwaningo.

Ngale kocwaningo oseluke lwenziwa maqondana nokufunda okubhaliwe, kuzobhekwa

izinjulalwazi zokufunda okubhaliwe, kanye nezindlela namasu okufundisa ukufunda

okubhaliwe. Okuyolandela lapho isigaba esiyoxoxa ngezinkolelo zothisha nokufundisa

okubhaliwe. Isahluko siyobe sesigcina ngesiphetho.

2.2 ISITHOMBE NGOCWANINGO OSELWENZIWE MAYELANA

NOKUFUNDA OKUBHALIWE: NGAPHANDLE NANGAPHAKATHI

KWASENINGIZIMU AFRIKA

Luningi ucwaningo oselwenziwe mayelana nokufunda umbhalo/okubhaliwe eNingizimu

Afrika nakwamanye amazwe (Pretorius & Mokhwesana, 2009; Pretorius & Machet,

2004, 2008; Pretorius & Mampuru, 2007; Pretorius, 2009; Callery, 2005; Pugh &

Taillefer, 1998, Balfour et al, 2001; Dreyer & Nel, 2003; Saumell et al, 1999,

Macdonald, 2002; Pretorius & Ribbens, 2005; Cheng, 2003; Lee, 1998; Yigiter, et al

2005; Duke, 2001; Dole, 2000; Duffy, 2002; Pearson, 2006; Pressley, 2006;Yang, 2004).

Nokho luyindlala kakhulu oseluke lwenziwa lubheka ukufundiswa kokufunda

40

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!