26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

You also want an ePaper? Increase the reach of your titles

YUMPU automatically turns print PDFs into web optimized ePapers that Google loves.

sezingxoxo ezaba ngemumva kokubukela othisha befundisa ngesikhathi ebuzwa ukuthi

kungani esebenzisa isiNgisi ekilasini lapho efundisa waphendula kanje:

Yinkinga khona impela esibhekene nayo lapho kufanele sifundise isiZulu

ngesiZulu kuphela ngoba emphakathini, ngisho emakhaya ezingane,

akwenzeki singabi khona isiNgisi. Lokhu kuyenzeka ngisho ingane nje

uyithuma esitolo, ngeke nje uthi ayiyothenga umoya wokushaya ucingo

kodwa uzothi ayiyothenga i-airtime. Kwesinye isikhathi siyasho sithi stand

up, good morning, siyazingenela sona isiNgisi, futhi bayasizwa.

Kuyazenzakalela. Khona siye sithi sizama ukubafundisa ulimi lwethu

njengoba abantwana abalwazi ulimi abaluncela ebeleni…bazi isiNgisi,

kuyazenzakalela noma kungesiyo inhloso. Kwamina ngiye ngizithuke

sengithi ‘Ake ungenzele i-sentence’, ngingathi umusho. Basho nabo :Thank

you…Khona kusekude lapho kuyiwa khona, baya strugglisha abantwana

kakhulu uma kufanele kufundiswe ngesiZulu kuphela.

Kanti uthisha uMbali wabeka kanjena kulo mbuzo ofanayo:

Okunye uma ufundisa amanye amagama esiNgisi ayangena, ngoba phela

usuke ukhuluma nabantu abanomqondo futhi abayijwayele into okhuluma

ngayo. Ekhaya nje uyabona, umntwana akasho ukuthi izitshalo, kodwa uthi

amaveji [vegetables] akalazi negama elithi imifino. IsiZulu sethu nje lapha

emalokishini asigxilile esiZulwini lesi sempela. Nanesikhathi esiphila kuso

nje asivumi ukuthi ukhulume isiZulu lesi esiqotho, njengoba phela

siyakuqikelela ukuthi sikhulume ngezinto ezikwi-environment yengane,

izinto ezaziyo ingane, ephila nazo emphakathini....

Kulezi zinkulumo ezingenhla kuyacaca ukuthi othisha basebenzisa isiNgisi ekilasini bebe

kodwa befundisa isiZulu. Ngale ngokuthi bakwenza lokhu ngoba becabanga ukuthi

izingane zizwa kangcono isiNgisi kunesiZulu ngoba kuyinto eziyijwayele ekhaya

nasemphakathini eziphila kuwo, iphuzu elisemqoka yilona elokuthi abazigqaji ngolimi

lwabo lwesiZulu, abalufundisayo. Nayo-ke imiphakathi ayimsulwa ngokubukela phansi

ulimi lwesiZulu. Isibonelo, emiphakathini baya ngokuncipha abantu abangamaZulu

abakhuluma isiZulu ngokuziqhenya ngaso, ngaphandle kokusixuba nesiNgisi, kanti

bayanda abakhuluma isiNgisi okwedlula isiZulu. Lokhu akugcini ngokukhuluma, ngisho

amaphephandaba namaphephabhuku, iziteshi zemisakazo nezikamabonakude, zinikeza

umuntu isithunzi sokuba abukeke ‘ehlakaniphile’ futhi ‘azi’. Ofunda iphephandaba

lesiZulu, alalele noma abuke izinhlelo zikamabonakude kolimi lwesiZulu, emphakathini

296

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!