26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

Create successful ePaper yourself

Turn your PDF publications into a flip-book with our unique Google optimized e-Paper software.

kahle konke abakushoyo. UFilstead (1979, p.37) uyakugcizelela lokhu nxa ebeka ukuthi

amazwi alowo onikeza ulwazi ngocwaningo enjengoba enjalo, yiwona asemqoka futhi

anikeza umqondo ngemiphumela yocwaningo. Ngamanye amazwi noma yini eshiwoyo

ngesikhathi kwenziwa inhlololwazi (izingxoxo) ibalulekile ngenxa yokuthi inikeza

umcwaningi ithuba lokuba athole lokho afuna ukwazi ngakho. Lokho umcwaningi

akutholile ngocwaningo kuye kube sekuhlaziywa ukuze kutholakale imiphumela

yocwaningo.

UDenzin benoLincoln (1994, p.2) bachaza ucwaningo lobunjalo botho (qualitative

research) njengendlela exube izindlela ezahlukene. Baphinde bathi: “It is a situated

activity that locates the observer in the world”. Ngokwalaba bacwaningi ucwaningo

lobunjalo botho lukhonela ukuba luhunyushwe, nokuyiyona nto eyenza okwenzeka

emhlabeni kubonakale. Kanjalo noBryman (1988, p. 9) uyavumelana nalaba bacwaningi

lapho ethi indlela abahlanganyeli bocwaningo abaqonda noma abahumusha ngayo izinto

abazenzayo, yiyona ehambisana kahle nocwaningo lobunjalo botho.

Ucwaningo olwenziwa uNkambule (2008), luveza ukuthi ocwaningweni oseluke

lwenziwa emanyuvesi aseNingizimu Afrika ezingeni leqhuzu lokuqala (undergraduate

level) nasezingeni lwabenza iziqu eziphezulu (postgraduate level), amaphesenti angama-

69 ocwaningo oselwenziwe lwalusebenzisa izindlela zocwaningo lobunjalo botho, kanti

amaphesenti angama-20 ayesebenzisa izindlela ezixubile (mixed methods).

Njengoba sengixoxile ngenhla ngocwaningo lobunjalo botho, kulolu cwaningo le ndlela

yakhethwa ngoba yayivumelana nezinjongo nezimpawu zalolu hlobo locwaningo. Kulolu

cwaningo umcwaningi wayefuna ukuhlola ukuthi ukufundisa ukufunda okubhaliwe

kwenzeka kanjani emabangeni aphansi kubafundi besiZulu ulimi lwasekhaya. Ukuze

kutholakale ulwazi, njengoba sengike ngachaza, ulwazi olwatholakalayo mayelana

nokwenzeka emakilasini lapho othisha befundisa, kwakungelona ulwazi umcwaningi

aluthola ezincwadini ezitholakala emitatsheni yolwazi, kodwa wahamba waya khona

ngqo kothisha ezikoleni wayoxoxisana nabo, wabuye wababuka nalapho befundisa

ukufunda umbhalo. Umcwaningi wayemlandela uthisha ngamunye isonto lonke, kusukela

iviki liqala kuze kube nguLwesihlanu iviki liphela. Isizathu salokhu kwakuwukuba abone

92

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!