26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

You also want an ePaper? Increase the reach of your titles

YUMPU automatically turns print PDFs into web optimized ePapers that Google loves.

laseNingizimu Afrika kuphela, kodwa ezinye zimbandakanya amazwe amaningi ase-

Afrika. Lapha ngibhekise enhlanganweni yothisha bezilimi zabomdabu, i-African

Language Teachers Association (ALTA), eyasungulwa kwelaseMelika. Kule nhlangano

othisha bamazwe ase-Afrika kanye nabakulawo mazwe lapho lezi zilimi zifundiswa

khona, bayahlangana minyaka yonke engqungqutheleni eba seMelika bacobelelane

ngolwazi mayelana nokufundiswa kwalezi zilimi, nokunye okuphathelene nazo.

Bakwenza lokhu ngokwethula amaphepha emibiko yabo mayelana nalezi zilimi.

Ngonyaka wezi-2006, uMnyango Wezabasebenzi wasungula iphrojekthi okwakuhloswe

ngayo ukuthuthukisa ulwazi lokufunda okubhaliwe nokubhala (literacy) kubantu

abangasebenzi kanye nalabo abasebenza imisebenzi eholela kancane. Nokho-ke, lolu

hlelo lwenziwa ngolimi lwesiNgisi, hhayi ngesiZulu. Iminyango yeMfundo

yezifundazwe, imikhandludolobha, ama-Sector Education and Training Authority

(SETAs) 3

, ezamabhizinisi kanye nezinhlangano ezinkulu ezingenganyelwe uhulumeni,

njenge Project Literacy ne-Stigting vir Bemagtiging deur Afrikaans nakho kuyingxenye

ezinhlelweni zokuthuthukisa ulwazi lokufunda okubhaliwe nokubhala (Van der Rheede,

2008, p.1).

Ngale kwalokhu, iNingizimu Afrika ibambe iqhaza ekusungulweni kwamasu okufunda

ezinhlelweni ezahlukahlukene zeNhlangano Yezizwe. Lapha singabala i-UNESCO

Literacy Decade 2003-2013, ne-Education for All (EFA), okuhloswe ngakho

ukuthuthukiswa kwamazinga okufunda okubhaliwe kanye nokubhala ngamaphesenti

angama-50 ngonyaka wezi-2015 (DoE, 2008a, p. 4). Okuyiwona mongo walezi zinhlelo,

yi-Millenium Development Goals (MGDs). Ukuthuthukiswa nokugqugquzelwa

kwamazinga okufunda nokubhala kungezinye zezinhloso zama-MDGs.

I- DoE (2008a) ibeka kanje:

3 SETA stands for Sector Education and Training Authority. The members of a SETA include employers,

trade unions and government departments. SETAs are established by the Minister of Labour in terms of the

Skills Development Act. The functions of SETAs are listed in that Act. These include the development and

implementation of a sector skills plan, registering and promoting learnerships and applying to SAQA for

accreditation as an Education and Training Quality Assurance body (ETQA) for qualifications in its sector.

10

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!